Abadlali beRoyal AM bafuna ukudlala eyokuhlunga

Abadlali beRoyal AM bafuna ukudlala eyokuhlunga
Abadlali beRoyal AM
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ukuba kuya ngabo, abadlali beRoyal AM ngabe umphathi weqembu, uShauwn “MaMkhize” Mkhize uvele uyayeka ukuqhubeka namacala bangene enkundleni bakuqede khona ukukhuluma.

Abadlali baleli qembu bajikiswe sebegqokile ngoLwesibili sebelungele ukubhekana neChappa United emdlalweni wokuhlunga iqembu elizongena kwiDStv Premiership.

Basale bephoxekile ngenxa yalokhu, abadlali basale bephoxeke kakhulu ngokusho kosondelene naleli qembu. Uthi abadlali beRoyal AM abakuthandanga ukuthi kulokhu kunesixakaxaka.

“Into la, laba badlali bayazi ukuthi kwakumele baqede lo msebenzi enkindleni emdlawleni wokugcina kodwa babhacaza. Manje bayafisa ukunikwa ithuba bawuqedele emidlalweni yokuhlunga umsebenzi.

“Bayazethemba ukuthi bengawenza futhi bazongena kwiDStv,” kusho lona ocele ukuba singalidaluli igama lakhe. Uthi imimoya iphansi kubadlali kodwa bayakuqonda ukuthi kungani umphathi wabo engafuni ukwehlela ezansi.

UMaMkhize ulwa impi esijike yaba yimbi kakhulu nePSL ngoba ukholwa wukuthi iqembu lakhe yilo elingompetha beGladAfrica Championship futhi kumele lingene ligijima kwiPremiership ngaphandle kokudlala eyokuhlunga.

Kumanje usafakele inselelo isinqumpo senkantolo ephakeme yaseGoli eyathi isinqumo sikamehluleli ozimele sokunika iSekhukhune United amaphuzu amathathu sasifanele.

Funda nala: Kuzoshiyana ukwenza iChiefs neSundowns bebanga uMbule noMokoena

UMaMkhize ufunwa sijikwe lesi sinqumo kulandelwe esesigungu sokuqondisa izigwegwe sePremier Soccer League. Lesi sigungu sahlawulisa iPolokwane City ngokuyiphuca amaphuzu eyawawina ibhekene neSekhukhune ngokuthi yaiphule umthetho wabadlali abaneminyaka engaphansi kuka-23.

La maphuzu awazange anikezwe iSekhukhune. Kodwa yabe seyilidlulisela kumehluleli ozimele lolu daba, nempela kwayihambela kahle njengoba ayigidlabeza la maphuzu.

Waqala lapho ke umsindo. Manje abadlali kuthiwa bakhathazekile futhi isibaphethe kabi emoyeni lento eyenzekayo. NgoLwesibili, bekubonakala eselugobile uphondo uMaMkhize njengoba iqembu lingene ebhasini laya eChatsworth Stadium la bekufanele libhekane khona neChippa United.

Kodwa lithe uma lifika kwathiwa lingangeni ezindlini zokushintshela. Kuthe besashintshela ebhasini, abanye bengaphansi kwezihlahla, kwafika abaphathi beqembu nabaqaphi baqoqa izinto zokuzivocavoca ebese zibekwe enkundleni, batshela abadlali ukuba bangene ebhasini qede yashaya yachitha.

IChippa iqhubekile yangena enkundleni yagingqa yacosha amaphuzu amathathu, yaphuma yahamba. Ngokohla lwemidlalo, iRoyal AM kumele ibhekane neRichards Bay khona eChatsworth ngoLwesine.

Akucaci ke nokho ukuthi izoya yini kulokhu kodwa kubonakala sekunzima lokhu. Ichaza ngokudikila kwayo, iRoyal AM ichazile ukuthi ixwayiswe abammeli bayo ukuthi le midlalo ayikho emthethweni njengoba iJaji lsenkantolo ephakeme yaseGauteng lathi ayimiswe kuze kuqedwe amacala.

IPSL yona ayikakasho lutho kusukela kwenzeke lezi zigemegeme zaseChatsworth Stadium eziyifake kwelinye ihlazo kwazise sekunesikhathi eside kwagcina ukugingqelwa kweqembu eesigabeni sebhola elikhokhelayo.

EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *