Abadlali boSuthu babona ingozi kwiChiefs ewukudla kwenduku

Mthokozisi Mncuseni

IZINSIKA zaMaZulu zivumelana ngokuthi ngeke ziyizele ngobuso iKaizer Chiefs ngoba isiphenduke inxeba likambhuxekwa kulezi zinsuku.

USuthu luzokwamukeka AmaKhosi koweDStv Championship ngoLwesithathu ngo-3 ntambama, eJonsson Kings Park Stadium, eThekwini.

IChiefs iza kulo mdlalo izikhotha amanxeba kwazise ukushaywa kwayo iMaritzburg United ngo 2-0 ngempelasonto bekusho ukuthi isidlale amahlandla ayisikhombisa kweyeligi kodwa lutho iwini.

Lokhu kuyibeke endaweni engajwayele ukumataniswa neChiefs ngisho ngabe isizini ikusiphi isigaba.

Kusukela uGavin Hunt ethathe izintambo izinto azihambi kahle kwiChiefs kwazise ivaliwe nokuqinisa isikwati njengoba enza wonke amanye amaqembu eduze kwayo.

ULimbikani Mzava odlala emuva noSiyethemba Sithebe olihlikihla esiswini, bayavumelana ngokuthi yebo iChiefs ibhekene nezinkinga zayo kodwa lokhu akusho ukuthi ngeke ivuke ngabo.

Kunjalo nje, bazibona bewadinga ngaphezulu kweChiefs amaphuzu oMzava noSithebe.

“IChiefs ayenzi kahle kodwa akudokwe eligayelwe thina lelo. Okwethu ukuqoqa amaphuzu agcwele kuyona njengoba sidlalela ekhaya. Yebo abenzi kahle kodwa ubani othi ngeke bavuke ngathi ngoba yibhola leli. Kusemqoka ukuthi sikhumbule ukuthi silahle amaphuzu emdlalweni odlule ngakho-ke kwiChiefs siwafuna egcwele,” kusho uMzava ehlaba ikhwelo kozakwabo ukuthi bangezi ngobuso.

Lokhu kunanelwe uSithebe okhumbuze ozakwabo ukuthi iChiefs iqembu elikhulu.

“Umdlalo omkhulu lo kithina. Konke kuhamba ngendlela kodwa okusemqoka ukuthi amaphuzu ayasala eThekwini yize siyihlonipha iChiefs. Kufanele yazi kwayona ukuthi ibisekuhambeni.”

AmaZulu abambane neBloemfontein Celtic ngo 1-1 ngempelasonto.