Abadlaliswa onozinti baseMzansi kwawePSL, kusho oweDowns

URicardo Goss
Sihle Ndlovu

Unozinti weMamelodi Sundowns, uRicardo Goss, uthi onozinti bakhona bayinqwaba eNingizimu Afrika ukuthi abadlaliswa emaqenjini abo.

Usho lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthweni iManqoba Mkhize Khabba Cup, eMax’s Lifestyle, eMlaza, ngoLwesibili.

Sekuke kwanesikhalo esikhulu sokuthi baya ngokuncipha onozinti bakuleli abasezingeni eliphezulu nokuyinto elimazala kakhulu iqembu lesizwe iBafana Bafana.

Nokho uGoss ukholwa wukuthi ikhono liyintaxa eMzansi yikona ukuthi alisetshenziswa ngendlela efanele.

“UVeli (Mothwa) uke wayisho le nto. Onozinti sinabo bayinqwaba ukuthi emaqenjini abo abadlali,” kusho uGoss.

“Manje kuba sengathi kunenkinga enkulu kanti akunjalo. Asethembe ukuthi kukhona amaqembu azokwazi ukwethemba onozinti baseNingizimu Afrika.”

Lo nozinti uthe ujabule ngokwenziwe yiqembu lakhe ngesizini esanda kusongwa njengoba liwine izindebe ezintathu.

“Ngiyaqala ukuwina izindebe ezintathu emlandweni wami wePSL. Nokho ithande ukungihlupha kakhulu isizini ngoba angidlalanga imidlalo eminingi njengoba bengifisa,” kuchaza uGoss.

“Ngicabanga ukuthi ukuhlushwa ukulimala kube nomthelela kulokho. Kodwa ngiyakujabulela ukuthi ngithole izindondo kanjalo nezindebe.”

Mayelana nomqhudelwano iManqoba Mkhize Khabba Cup, uGoss uthe kubaluleke kakhulu ukuba nemiqhudelwano enjena.

“UKhaba simethulela isigqoko, basebenzile ukuthi kubuye ibhola laseThekwini. EGoli abadlali baseThekwini sebeqala ukuba bancane, ngakho sethemba ukuthi nalapha lizotholakala ikhono labadlali abazodlalela amaqembu amakhulu.”

Lo mqhudelwano uzoqala ngoMgqibelo usongwe ngeSonto ezinkundleni ezahlukene eThekwini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.