Abafana abafana noyise, balandela ikhono lasekhaya

UThando noMakhaya Ntini

SIHLE NDLOVU
Ubaba ungumuntu obalulekile empilweni yengane ngaphandle nje kokuthi aqhathaniswe nomama wayo.

Sekubonakale kaningi ukuthi uma ubaba engekho empilweni yengane yakhe, kuningi okugcina konakele.

Izingane zithanda ukulandela ezinyathelweni ezinhle zobaba bazo, ngakho uma bengekho impilo isuke ingefani nakancane.

Kwezemidlalo kuba yisimo esifana ncamashi. Baningi kakhulu abantwana abagcina bezimbandakanya nemidlalo ethile ngoba belandela ezinyathelweni zabazali babo.

Nokho kwabanye kubuye kube nengcindezi ngenxa yokuthi umzali wayeshaya into ecokeme kakhulu, bese kubhekwa ukuthi ikhono lengane yakhe likuliphi izinga.

OGrobler

Njengamanje umdlali osethubeni lokukhala emuke nomklomelo womgadli ozosonga isizini eshaye amagoli amaningi kwiDStv Premiership nguBradley Grobler.

Lo mdlali uyindodana yenkakha eyayidlalela iMoroka Swallows (Swallows FC) uLes Grobler eminyakeni eminingi edlule.

Akungabazeki ukuthi ikhono analo kunobhutshuzwayo uBradley lihle kakhulu futhi ulandela ngqo ezinyathelweni zikayise.

UKaizer Motaung Junior angefaniswe noyise uKaizer “Chinca Guluva” Motaung ngoba amakhono nezikhathi abadlale ngazo akufani nhlobo. Nokho kuyazicacela ukuthi uJunior wabukela kuyise, wafuna ukudlala ibhola.

Ngaphezu kwalokho ubukela kuyise nasekuphatheni iqembu iKaizer Chiefs, njengoba kuvela ukuthi uyena ocijelwa ukuba ngusihlalo weqembu ngomuso.

OSono

UJomo Sono waziwa umhlaba wonke ngokudlala ibhola likanobhutshuzwayo, futhi uhlonishwa ngezinga elicishe lifane nelabadlali abafana noPele waseBrazil noMaradona wase-Argentina (ongasekho), ngamagalelo akhe.

Lolu dumo nokuhlonishwa cisho yikona okwenza uBamuza Sono afune ukufana noyise ngokudlala ibhola. Akabanga yedwa uBamuza ekulandeleni ezinyathelweni zikayise.

UMatsilela Sono wenza okufanayo ngokufuna ukudlala ibhola njengoJomo. Bobabili badlalile kwiJomo Cosmos kayise.

ONtini

UMakhaya Ntini ungomunye wabadlali abahlonishwayo emhlabeni uma kukhulunywa ngekhilikithi. UMdingi Express uphule inqwaba yamarekhodi esadlalela amaProteas.

Namanje lisaqhamuka igama lakhe uma kubalwa abadlali abahamba phambili ngokuthatha amawikhethi eqenjini lesizwe lekhikithi lakuleli, kanjalo nakwikhilikithi yomhlaba.

UThando Ntini ukhethe ukuthi le nyathuko ehanjwe nguyise ufuna ukuzizwela yona ngokwakhe. Lo mdlali oneminyaka engu-20 usevele ulibonakalisile ikhono lakhe kwikhilikithi yakuleli neyomhlaba.

Njengamanje udlalela iHollywood Dolphins kanti makhulu amathuba okuthi adlalele amaProteas ngelinye ilanga. Ngo-2018 ubeyingxenye yeqembu lakuleli le-Under 19 elidlale kwiNdebe yoMhlaba eNew Zealand.

OMcCarthy

Ebholeni lakuleli bambalwa abangalazi igama likaFabian McCarthy. Le ngwazi eneminyaka engu-43 njengamanje, ike yadlalela iKaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns, Bloemfontein Celtic, Moroka Swallows, Maritzburg United neMpumalanga Black Aces. UMcCarthy uke wadlala nakwiBafana Bafana.

U-Aden McCarthy oyindodana kaFabian uhamba ncamashi ezinyathelweni zikayise. Njengamanje udlalela iqembu leKaizer Chiefs eliyibamba kwiDStv Diski Challenge. Njengoyise udlala emuva futhi eminyakeni engu-17 anayo, libukeka liqhakazile kakhulu ikusasa lakhe kunobhutshuzwayo.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

One thought on “Abafana abafana noyise, balandela ikhono lasekhaya”

Leave a Reply

Your email address will not be published.