Abafana Bes’thende bahlabane ngo-R1.5 million we-Q2

UMandla Ncikazi

SIHLE NDLOVU

Kumele anconywe kakhulu umqeqeshi uMandla Ncikazi ngomsebenzi asewenzile kuze kube yimanje kwiLamontville Golden Arrows.

Abafana Bes’thende bashayela phezulu selokhu kuqale isizini futhi akulula neze ukuthi amaqembu abhekane nabo. Leli qembu laseThekwini limenyezelwe njengeliwine i-Q 2 ngoLwesibili. Lokhu kuchaza ukuthi izohlabanga ngo-R1.5 million.

I-Arrows ikwenze lokhu ngokuthi iqoqe amaphuzu engu-16 emidlalweni eyisikhombisa. Iwine imidlalo emihlanu, yadlala owodwa ngokulingana, yase ishaywa kowodwa.

Ompetha beligi okuyibona abazihola phambili iMamelodi Sundowns, baqede iQ 2 besendaweni yesibili ngamaphuzu angu-15. ISuperSport United, AmaZuu FC ne-Orlando Pirates (bonke abanamphuzu angu-12) baqede belandelana endaweni yesithathu, eyesine neyesihlanu.

Empeleni i-Arrows ingelinye lamaqembu enza kahle kakhulu kwiDStv Premiership selokhu kuqale isizini ka-2020/2021. Emidlalweni engu-15 esiyidlalile iwine eyisikhombisa, yadlala ngokulingana eyisikhombisa, yase ishaywa kowodwa. Lokhu kuyenza ihlale endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-28.

Abafana Besthende basethubeni elihle lokuqhubeka nerekhodi labo elihle uma sebetholana phezulu neBlack Leopards emdlalweni weligi eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoLwesithathu ngo-5 ntambama.

ILeopards abazobhekana nayo izinto aziyihambeli kahle neze. Leli qembu laseLipompo liyibambe emsileni ngamaphuzu ayisishiyagalolunye ngemuva kwemidlalo engu-15. Lokho kwenza kubukeke sengathi iLeopards ingelinye lamaqembu angase adliwe yizembe ekupheleni kwesizini.

Elinye iqembu okungalihambeli kahle emidlalweni yeDStv Premiership, yiMaritburg United. ITeam of Choice nayo inamaphuzu ayishiyagalolunye kanti ilele endaweni yesibili ukusuka emsileni.

Emdlalweni olandelayo weMaritzburg weligi izokwamukela iLeopards eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoMashi 2.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.