Abafana Bes’thende baphinde badedela amaphuzu bedlalela ekhaya

UMandla Ncikazi

SIHLE NDLOVU

Iphinde yalahla amaphuzu iLamontville Golden Arrows ngesikhathi ibambana neBaroka FC ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoLwesithathu.

Bese kungokwesibili kulandelana Abafana Bes’thende bededela amaphuzu bebe bedlalela enkundleni yabo. Kwenzeke into efanayo ngoFebhuwari 23 ngesikhathi beshaywa yiBlack Leopards ngo 2-1 khona eSugar Ray. Selokhu kuqale isizini i-Arrows yenza kahle kakhulu ekhaya kodwa emidlalweni yakamuva emibili ilahle amaphuzu amahlanu. Lokhu kufanele ukuthi akwehli kahle kumqeqeshi uMandla Ncikazi.

Ukudlala ngokulingana kwe-Arrows kuqinisekise ukuthi ayinyakazi endaweni yesihlanu kwi-log. I-Arrows iwuqale ngenothi eliphansi kakhulu umdlalo kuyiBaroka ebibukeka idlala kangcono. Nokho kuthe ngokuqhubeka komdlalo baqala bahlangana Abafana Bes’thende, kubhoke uKnox Mutizwa ngasohlangothini lwesokudla.

IBaroka nayo ibingazibekile phansi ihlanganisa amaphasi kamnandi kanti noScarine Masuluke ubephapheme emapalini. UMasuluke uke wahlala phansi ekhala ngokulimala ngaphambi kancane kokuthi umdlalo uye ekhefini. Ngaleso sikhathi ibisifika iphindelela i-Arrows kucaca ukuthi injini isiyashisa.

Ngaphambi kokuthi unompempe ashaye indweda yokuqeda isiwombe sokuqala uNtsako Makhubela we-Arrows uthole elihle ithuba lokushaya igoli kodwa ibhola abelingqofile laphuma kancane phezu kwepali. Umdlalo uye ekhefini kungu 0-0. Ngesiwombe sesibili amaqembu acacisile ukuthi afuna igoli kodwa womabili abengafiki ngokwanele emapalini. Umdlalo ubusushesha kakhulu zibulalana esiswini kodwa nembazo ibibuye igawule.

Yize umdlalo uphele sekuyi-Arrows ebikhombisa kakhulu ukuthi ifuna igoli kodwa umdlalo ugcine uphele zibambene ngo 0-0. Akungabazeki ukuthi iBaroka izokujabulela ukubuyela ekhaya nephuzu njengoba isendaweni yesishiyagalolunye.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *