‘Abakhokhelwe kahle nangesikhathi onompempe,’ kusho uSweeney

onompempe
UThando Ndzandzeka
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Sekuyisililo samasizini esivela ngemuva kokuthi onompempe beshaye udaka emidlalweni yePremier Soccer League (PSL) esibukeka sizoqhubeka njalo.

Nakule mpelasonto esiphuma kuyona kuphinde kwaba nokukhononda kwabanye ngendlela onompempe abawuphathe ngayo umdlalo phakathi kweMamelodi Sundowns neCape Town City.

La maqembu abetholene phezulu emdlalweni wamanqamu weMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini  ngoMgqibelo.

Umdlalo uphele ngo 1-1 emizuzwini engu-120 kwagcina kuwine iSundowns ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi.

Yilapho abanye beshaye khona amakhala ngokuthi uDenis Onyango ubesheshe asuke kulayini uma kushaywa iphenathi kodwa ayikho neyodwa eke yaphindwa.

Umthetho uthi unozinti akumele athathe igxathu eliya phambili iphenathi ingakashaywa.

Inkakha u-Errol Sweeney, owayengunompempe ongabhedelwa, ithi kumele kube nomuntu oqondile okufanele eluse onompempe.

“Kumele ukhethe umuntu ozobhekelela isimo sonompempe kusukela ekubaqeqeshi nokubakhulisa…

“Kuye ekubeluseni nokubakhombisa indlela kanjalo nokuba nohlaka oluqondile lokwakhela ikusasa,” kusho uSweeney ekhuluma ne impempe.com

“Ngaphezu kwalokho udinga indlela yokuqoka nokugcina abaphathi bemidlalo.

FUNDA NALA: Banethemba elikhulu ngeSundowns Ladies kweyezwekazi

“Okunye okubalulekile ukuthi kumele uqinisekise ukuthi bakhokhelwa kahle onompempe futhi ngesikhathi esifanele.”

ISouth African Football Association (Safa), okuyiyona ephethe onompempe, inazo izinhlelo zayo ‘zokulungisa’ isimo samaphutha enziwa onompempe.

Uma unompempe enze iphutha emdlalweni weDStv Premiership uyiswa emazingeni aphansi ayodlalisa khona ebe enikwa nethuba lokuthuthukisa ulwazi lwakhe.

Ngasohlangothini lokukhokhelwa konompempe sekuke kwavela phambilini ukuthi baziholela amakinati okungenye yezinto ezingenza ukuthi bangawenzi ngendlela umsebenzi wabo.

Kuhlale kungelula ukuthola ukuthi bahola malini ngomdlalo ngamunye, kube yikona ukuqagela nje.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.