Abalandeli baqhathe iChiefs nePSL

Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs izovela phambi kwekomiti lePremier Soccer League (PSL) eliqondisa ubugwegwe ngesenzo sabalandeli bayo sokungena enkundleni.

Abalandeli baMakhosi bajabule kwaze kweqa ngesikhathi leli qembu lishaya iStellenbosch FC ngo 4-3 kumaphenathi emdlalweni weMTN 8 eDanie Craven Stadium, eKapa, ngeledlule.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi iKaizer Chiefs seyibekwe icala futhi izovela phambi kwekomiti lePSL eliqondisa ubugugwegwe ngoLwesine,” kusho uZola Majavu ongumshushisi wePSL

“Kumele baphendule udaba lokungena enkundleni kwabalandeli babo ngesikhathi bebhekekene neStellenbosch FC. Uma icala   seliqediwe ngizobuya nemininingwane ephelele.”

IChiefs ayiyiqalanga kahle isizini ishaywa emidlalweni yeligi. Yikho lokhu okwenze abalandeli bayo bajabula baze bephula umthetho ngesikhathi  bewina kwiStellies. Amakhosi azobhekana naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *