Abalandeli bazobhikishela ukubuyiselwa ezinkundleni

Abalandeli bazobhikishela ukubuyiselwa ezinkundleni
Alfred Ngubane

Abalandeli bebhola baKwaZulu-Natal bazoba nenhlaba luhide yesiteleka lapho bezobe behlose ukuyofaka isicelo sabo sokuthi bavunyelwe babuyele ezinkundleni.

Lesi siteleka sihlelwe ukuba ngoMgqibelo eThekwini kanti sizosukela eKing Dinuzulu Park ngo-8:30 ekuseni siphelele eCity Hall.

Lo mkhankaso, abawuqambe ukuthi #Sivulele uhambisana neminye ezoqhubeka kwezinye izifundazwe ezifana neGauteng bekhala ngoNathi Mthethwa ongungqongqoshe wezemidlalo kuleli.

Bathi akafuni ukuxazulula lolu daba ekubeni kade benomkhankaso wokunxenxa abalandeli ukuthi bagome kodwa manje sebethule.

FUNDA NALA: UMokwena uthi iSundowns seyithole iChloorkop entsha e-Egypt

Basola nenhlangano ephethe ibhola kuleli iSafa nePSL. Kuzokhumbuleka ukuthi umengameli weSafa uDanny Jordaan wakhuluma neMpempe wathi akulona ibhola uma bengekho abalandeli.

Okunye nokukhulu okubacasulayo abalandeli, ukuthi inhlangano ephethe ibhola lase-Afrika iCAF, yona yabadedela abalandeli emidlalweni ye-Africa Cup of Nations, eCameroon.

Naphesheya kwezilwandle abalandeli bangena bagcwale izinkundla. Abakuleli bakhala ngokuthi osopolitiki bona umdlalo wabo bayawuqeda ngokufeza izinhloso zabo zepolitiki.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.