Abalandeli beChiefs sebenqena ngisho ukuya emsebenzini ngenxa yamahloni adalwa yithi – Willard Katsande

UWillard Katsande weKaizer Chiefs

OKADONGA GUMBI

Baswele ukuthi bazocasha kuphi noma kanjani abalandeli beKaizer Chiefs baze baphume uma leli qembu selidlala kangcono futhi selithola nemiphumela ejabulisayo.

Indlela izinto ezihamba ngayo kuMakhosi kule sizini ayibaniki ukuphumula abalandeli baleli qembu asebeyinhlekisa kwabamanye. Kumanje nje liphuma ekuhlulweni imidlalo emithathu kulandelana.

Nokho umdlali osenesikhathi ekuChiefs, uWillard “Salt and Vinegar” Katsande uthi bayalwazi usizi olubheke nabalandeli futhi bazozama okusemandleni ukujika izinto.

“Impela abalandeli bakhathazekile ngemiphumela njengamanje futhi siyabuqonda ubuhlungu babo. Siyazi kunzima kanjani ukuba ngumlandeli weKaizer Chiefs njengamanje.

“Emahhovisi, ezikoleni, isemabhasini, isemajele ngisho ezibhedlela nanoma kuphi la bekhona abaphathekile kahle (ngenxa yokuhlekwa). Kumele sijike izinto ukuze sibajabulise,” kusho uKatsande.

“Uma senza kahle bayajabula ngoba iKaizer Chiefs ngeyabo. Yini abenza iKaizer Chiefs ibe yiKaizer Chiefs. Sidinga ukubabonga ngokuwina sibabuyisele isithunzi ukuze bazigqaje,” kuphuba yena.

Uthi indlela yokuthi babuyele emgqigqweni wokuwina iyodwa – ukuthi bazinikele ngokuphindiwe kunakuqala.

“Kumele sisebenze ngokuphindiwe, kumele sizinikele. Kwesinye isikhathi umdlalo uwuwina ngokuzinikela hhayi ngethelente. Yingakho kumele sizinikele sikhohlwe okwenzeke izolo sibheke okwanamuhla.

“Kumele senze kahle namuhla ngoba asazi kusasa kuzobe kunjani. Sikwazi ukulawula okwenzeka namuhla kuphela. Kumele sijike izinto ukuze abalandeli baziqhenye ngathi, singakwenza lokho ngoba ithalente likhona la eqenjini,” kuchaza yena.

IChiefs izozama ukubuyela emgqigqweni wokuwina uma seyibhekene neSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *