Abalandeli beGhana bahhahhameze u-Ayew ibambana neNigeria

Abalandeli beGhana bahhahhameze u-Ayew ibambana neNigeria
UJordan Ayew
OkaDonga Gumbi

UJordan Ayew uzithole eseyisisulu solaka lwabalandeli beGhana abebemhhahhameza eKumasi ngesikhathi leli qembu libambana ngo 0-0 neNigeria emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

Lo mdlalo bewuseBaba Yara Stadium eKumasi ngoLwesihlanu kusihlwa kanti kuthe uma esekhishwa lo mgadli, abalandeli bammemeza bemchapha nangezinhlamba.

U-Ayew ukhishwe ngomzuzu ka-92 endaweni yakhe kungena uKwasi Okyere Wriedt,  odlala eGermany.

Kulapho ke la abalandeli beqale khona ukumhhahhameza  njengoba bebengenelisekanga ngokuzinikela kwakhe kulo mdlalo.

Lo mdlali, oyindodana ka-Abedi Pele Ayew oyinkakha yeBlack Stars, ubedlala nje ubezicije isikhshana neqembu njengoba ephume ngoLwesibili emgonqweni kulandela ukutholakala eneCovid-19.

Uzamile yena kulo mdlalo njengoba ubeyihlasela ephindelela iNigeria, akhela ozakwabo amathuba abuye angene ezikhaleni ukuze naye athole ibhola ezindaweni eziyingozi.

Kodwa lokho akuzange kubagculise abalandeli ababalelwa ku-40 000 abebekule nkundla. Nokho bavele basaphoxekile ngokubhacaza kweGhana kwi-Africa Cup of Nations ngasekuqaleni konyaka.

Abalandeli bamlandele ngisho sekuphele umdlalo, baqhubeka nokumthuka noma eseyongena ebhasini leqembu sebehamba.

FUNDA NALA: UNdlovu usengumshini okhiqiza ompetha kwezamankomane

U-Ayew usedlale imidlalo engu-73 kwiBlack Stars kusukela adlala okokuqala ngo-2010 kanti useshaye amagoli angu-18.

Umfowabo ongukaputeni waleli qembu, u-Andre yena ubengekho kulo mdlalo njengoba athola ikhadi elibomvu kwi-Afcon.

IGhana beyithwele kanzima kulo mdlalo futhi isinde ngokulambisa iNigeria isho ukuyiqeda. Kuthe sekusele imizuzu engu-15 umdlalo uphele, iNigeria yabekelwa iphenathi.

Nokho kuthe sekubuyekezwa isinqumo sikanompempe ngohlelo lweVAR, kwabonakala ukuthi uphazamile unompempe.

Umdlalo womlenze wesibili uzoba seNigeria ngoLwesibili eMoshood Abiola National Stadium e-Abuja.

Iqembu elizonqoba kuwo yilo eliyobe selizibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba ezoba seQatar ngasekupheleni kwalo nyaka.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.