Abalandeli beSundowns baphinde baphoxa bevimba ibhasi le-Al Ahly

Abalandeli beSundowns baphinde baphoxa bevimba ibhasi le-Al Ahly
Intatheli yeMpempe

Sekuvele ukuthi abalandeli beMamelodi Sundowns abebeya emdlalweni waleli qembu ne-Al Ahly eFNB bapvimbele ibhasi lezivakashi.

Ngokuzwa kweMpempe kwabazibonele lesi sigameko, ibhasi le-Al Ahly kuze kwadingeka lishintshe indlela njengoba bebevimbile bengafuni lidlule.

“Kuze kwadilika ngisho uPitso uqobo ukuyosiza abezomthetho ukuqhelisa izinto zokuvimba umgwaqo ukuze kudlule ibhasi, lishintshe indlela,” kusho ozibonele.

Kuthiwa nangoLwesihlanu ngesikhathi i-Al Ahly izicijela kule nkundla iSundowns ivele yasheshe yafika singakashayi isikhathi obekumele ifike ngaso.

FUNDA NALA: ISundowns iphinde yavulela isimbambamba kwi-Al Ahly

Lokhu akukuhle ngoba iqembu elisuke liziqeqesha liyaye lithande ukungaphazanyiswa futhi ngisho abezindaba abavunyelwa ukubuka kwesinye isikhathi.

Kuzokhumbuleka ukuthi nangonyaka odlule abalandeli beSundowns balivimba ibhasi le-Al Ahly bathuka noPitso baze bambiza phansi kweziketi zikanina.

Cishe ukube ibhasi aliishintshanga indlela nakulokhu bekuyogcina sekukubi sekuthukwana futhi.

ISundowns iwuqnobie lo mdlalo ngegoli likaPeter Shalulile alishaye ngomzuzu ka-23 kanti yize izabalazile i-Ahly futhi kade iwuphethe umdlalo, akuyilungelanga.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *