Abalandeli beTP Mazembe bebeyisabisa ngokuthi izobola yinduku iSundowns

ULyle Lakay weMamelodi Sundowns

OKADONGA GUMBI

Bebeyivakashela ngisho la izilolongela khona iMamelodi Sundowns bezoyithembisa isibhaxu abalandeli beTP Mazembe eshayelwe ekhaya okokuqala eminyakeni engaphezu kweyishumi kwiCAF Champions League ngempelasonto.

Exoxa le ndaba, umdlali weSundowns, uLyle Lakay uthi yonke indawo la abebehamba khona kusukela befikile eCongo DR, bebesatshiswa ngesibhaxu, kodwa bahambe sebenconywa futhi bebongelwa.

“Abalandeli beTP Mazembe bebesivakashela enkundleni ebesijimela kuyo besimemeza besitshela ukuthi sizophela yinduku. Ngisho sisebhasini bebesikhombisa ngezandla ukuthi sizobhaxabulwa ngo 5-0.

“Kodwa ngemuva komdlalo babekhombisa ukusihlonipha ukuthi sikwazile ukushaya iMazembe isekhaya. Besibongela,” kuchaza uLakay kade ekhuluma nabeSAfm ngoMsombuluko.

Uthe nokwephula kwabo irekhodi akuyona into ebisemakhanda abo ngaphambi kwalo mdlalo kaGroup B kwiChampions League abawunqobe ngo 2-1 ngoMgqibelo eLubumbashi.

“Njengoba abantu besincoma ngokuthi siphule irekhodi, thina besingakucabangi lokho, into ebisibusa wukuwina nje qha.

“Besifuna ukuwina ukuze sizibekisele indawo esigabeni esilandelayo salo mqhudelwano. Besivamise ukuthi kweminye imidlalo uma sisekuhambeni singene enkundleni sizitshela noma singadlala ngokulingana. Kodwa kulokhu besifuna iwini.”

Ebuzwa ngonompempe, abebebonakala beyicindezela iBrazilians kulo mdlalo, uLakay uvumile ukuthi bebethwele uthayela kunomoya.

“Bekuthi uma kudlaliswe thina kabi, kuzitshwe sengathi akwenzekanga lutho. Kodwa uma kuke kwathinteka umdlali weMazembe kancane nje, kukhale impempe. Nokho yizinto esingasazikhathazi ngazo lezo ngoba sesijwayele ukuthi ziyenzeka.

“Isibonelo nje yikhadi elibomvu elitholwe nguRicardo (Nascimento)… wayezibuzela nje kunompempe ngokuthi yini le ayibonile eze ethi khona odlaliswe kabi, wabe esemhlaba ngekhadi elibomvu. Kuyikungelo lakhe njengokaputeni ukubiza.”

ULakay uthi sebeze bakujwayela ukuhlala besendleleni benqamula amazwe ngamazwe bethungatha inkanyezi yesibili ezongena kwibheji leqembu.

“Kumnamdi ukuba sekhaya. Uma uzokhumbula, ngaphambi kokuba siye eDRC besiseTanzania, sihlale izinsuku ezimbili nje vo ekhaya sabe sesihamba futhi.

“Yisizini yami yesithathu kwiSundowns lena, ngakho ngingathi sengikujwayele lokhu. Akusangikhathazi,” kusho yena.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.