Abamsabisi abagadli beWydad uBvuma weChiefs

Abamsabisi abagadli beWydad abavuthayo uBvuma weChiefs
UBruce Bvuma
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IKaizer Chiefs ixwayiswe ngabagadli beWydad Athletic abangalibheki ipali kulezi zinsuku. UHlompho Kekana weMamelodi Sundowns nguye oxwayise iChiefs ngoMohamed Ounajem, Ayoub El Kaabi noSimon Msuva abayingozi.

IChiefs izodlala neWydad umdlalo womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiCAF Champions League eStade Mohammed V eCasablanca ngoMgqibelo ngo 9 ebusuku.

Nokho unozinti weChiefs, uBruce Bvuma uthi akumkhathazi lokho ngoba banalo iqhinga lokuvimba emuva beyiqembu.

“Njengonozinti, angikhathazekile ngokuthi abagadli babo bazoshaya amagoli… yinto yabo leyo. Ngikholwa wukuthi siyakwazi ukuvala emuva njengeqembu. Sisebenze kanzima ukuzicija kulokho.

“Siyabazi la beqine khona nala bebuthaka khona,” kusho uBvuma. Akwaziwa ke ukuthi ngabe abaqeqeshi bazophinde bamethembe yini uBvuma ukuba aqale umdlalo njengoba o-Itumelenge Khune noDaniel Apkeyi nabo sebeluleme futhi behambe neqembu.

Funda la: Inkiyankiya yokuqoka unozinti kubaqeqeshi beChiefs: https://bit.ly/2TMlq9o

“Njengoba siyodlala owandulela owamanqamu neWydad, mina njengonozinti ngijabule ngokuba seqenjini. Ngethemba ukuthi ngizolinikwa ithuba lokuphinde ngidlale. Sibazi kahle njengoba sesike sadlala nabo (kabili) esigabeni samaqoqo futhi ngibona lokho kuzosisiza.”

IChiefs seyinesikhashana yagcina enkundleni njengoba sekuphele amaviki amabili iligi yakuleli yaphela. IWydad yona isadlala njengoba ibidlala nangoLwesibili kwazise iligi yabo isaqhubeka.

Funda la: UBvuma ufuna babusise uMotaung ngenkanyezi ejezini leChiefs: https://bit.ly/3gGiRia

“Mina ngibona kusisiza sonke lokhu… okwethu kusho ukuthi siphumule kahle. Khona impela sigcine ngaleliya viki ukudlala, kodwa lokho kusinike isikhathi eside sokuzilungiselela.

“Ngibona sengathi kusisize ukuvuselela umuzwa eqenjini. Izingqondo nazo zisesimweni esihle manje. Nemizimba iphumule kahle isesimweni esihle. Bona bebedlala impela, kodwa mina ngibona wukummese osika ndawo zombili lokhu,” kuchaza uBvuma.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.