Abantu bakanobhutshuzwayo bayabhimba kodwa uNcikazi uhlule bonke

Abantu bakanobhutshuzwayo bayabimba kodwa uNcikazi uhlule bonke
UMandla Ncikazi

UMBONO

Sihle Ndlovu

Sekucacile ukuthi kubantu bakanabhutshuzwayo kumele silalele lokhu abakushoyo, noma kungathiwa umlomo usho okunye, izandla zenza okunye.

Kusobala okwempahla yembuzi ukuthi abaqeqeshi bavuka basho lokhu okufika emakhanda abo, okwethu ukuthi samukele nje bese kuphele kanjalo.

Ngike ngazibuza ukuthi umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi, ubekuthathaphi ukusitshela ukuthi i-Africa Cup of Nations (Afcon) umqhudelwano omncane uma uqhathaniswa nePremier Soccer League (PSL).

Kusukela nini manje? iPSL le yethu inkulu kune-Afcon?

Okokuqala nje okufike emqondweni wami ukuthi uma sikhuluma ngePSL sisuke sibala iDStv Premiership neGladAfrica Championship, okungamaligi ethu angaphansi kwePSL.

Nangoke phela uMindlos esezeseka ngokuthi ngeke ube mkhulu umqhudelwano lapho kudlala khona abadlali abagijima kwiGladAfrica Championship kwamanye amazwe.

Kanti iyiphi le PSL enkulu ngokukaMindlos? Ngabe uchaza ukuthi abadlali abagijima kwiGladAfrica Championship akumele babizwe kwiBafana Bafana?

Uma ngikhumbula kahle bakhona abadlali abaqale ukudlalela iqembu lesizwe lakuleli bedlala kwiChampionship, ebisabizwa ngeNational First Division (NFD). Kusobalake ukuthi ngokukaNcikazi lokhu kwakungafanele.

Uma uNcikazi ethi iPSL ingcono kune-Afcon, ngabe uyakhumbula ukuthi iBafana Bafana ihlulekile ukuzibekisela indawo kwi-Afcon?

FUNDA NALA: Baphoxekile abesibhakela kumiswa ezinye izimpi

Phela sikhuluma ngale Bafana eyakhiwe abadlali abagijima kwiPSL, engeke iye ngisho kwiNdebe yoMhlaba.

Hhayi mfo kaNcikazi ave ngikukhonzile kodwa kulokhu sengathi ugeje kakhulu.

Kuze kufikwa lapho nje yingoba bekubuzwa ukuthi uzodlaliswa yini uGabadinho Mhango oshaye into ecokeme kwi-Afcon neMalawi.

Lo mgadli ulizwa ngendaba ijezi kwiBucs futhi sekuyacaca ukuthi indaba ayikho mayelana nokuthi izinga lakhe lehlile.

UNcikazi bekumele acabange enye into abengayisho ukuphendula umbuzo mayelana noMhango, hhayi indaba yokusitshela ukuthi i-Afcon umqhudelwano omncane kunePSL.

Ukudlala nabadlali abafana Sadio Mane’, Mohamed Salah, Mendy nabanye, sekuyinto engasho lutho manje?

Le PSL akhuluma ngayo ukuthi inkulu ihluleka ukwenza iBafana yethu ukuthi ishaye i-Ethiopia ukuze sizibekisele indawo kwi-Afcon.

Sihlulwa amazwe amancane afana neComoros, efike kwi-Afcon kwabonakala kodwa sisathi iPSL inkulu.

Into kaMhango neBucs kuyacaca ukuthi iyona enkulu (hhayi iPSL) ngakho akumele uNcikazi asixoxele inganekwane emini kwasaka. Sizomila izimpondo phela.

Sonke siyazi ukuthi iBafana kade yagcina ukuzibekisela indawo emiqhudelwaneni emikhulu, ngakho asikwazi ukuqhosha ngokuthi iPSL inkulu.

Asingatshelwa okuthandwa abaqeqeshi bakanobhutshuzwayo ngaleso sikhathi bezama ukuzivikela ukuthi yini bengabadlalisi abadlali abathile. Abakhulume iqiniso abantu bayeke ukuzihlaza.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.