Abanye bahlalele imali ‘etilongweni’ leSundowns

Abanye bahlalele imali 'etilongweni' leSundowns
Intatheli yeMpempe

Kukhona abadlali abacabangele amaphakethe abo uma benikwa ithuba lokuthi baphume ‘etilongweni’ leMamelodi Sundowns la bengasadlaliswa khona.

Lezi zindaba zivela nje iSundowns idedele abadlali abaningana njengoab bekuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali.

Nokho kuthiwa abanye abebevunyelwe ukuthi bangahamba bayozama kwenye indawo uma bethanda, bavele bakhetha ukuhlala.

Ngokubika kwePhakaaathi, bekulindeleke ukuthi kuhambe inqwaba ngeviki elidlule ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokusayinisa ngoLwesine.

Kodwa akwenzekanga lokho kanti umthombo uthi yingoba babone ukuthi kungenzeka kudingeke bemukele ukwehliselwa amaholo bese belahlekelwa nayimihlomulo yeSundowns.

Kuzokhmbuleka ukuthi abadlali bamaqembu ePSL bathola imihlomulo yemali ethe xaxa ngomdlalo ngamunye abawuwinile. Manje kwiSundowns le mihlomulo iyinsakavukela umchile wesidwaba.

“Abanye abasalazi nokuthi linjani ijezi egazini kanti ungalindela ukuthi uma kunjalo bazogijimela emnyango uma kwenzeka uvuleka.”

Kuthiwa lokhu yikho okwenza bakhethe ukuhlala ‘etilongweni’ leSundowns noma isimo sisibi, sekumele ngabe bayahamba.

Lo mthombo uncome noKermit Erasmus okuthiwa ukubeke kwacaca ukuthi yena ngeke akuhlalele ukwandisa isibalo sezihlwele njengoba esekwi-Orlando Pirates nje.

FUNDA NALA: USithebe ananagqubu noSuthu kodwa ufuna ukulusuthisa induku kwiMTN8

“Inkinga iningi labo linezinkontileka ezinde futhi sebeyibalile nemali abazobe beyenzile ngesikhathi kufika isikhathi sokuphela kwalezi zinkontileka,” umthombo ucashunwe usho kanje.

“Uma iqembu liwina indebe, imali etholwa ngaleyo ndebe ihlukaniswa abadlali futhi bonke bayathola kungakhathalekile ukuthi uyadlala noma cha.

“Yileyo enye yezinto ebenza benganyakazi kwiSundowns noma kuthiwa abasenalo ithemba lokudlaliswa,” kuphetha lo mthombo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *