Abaphathi bakaPitso baxhilwa eyokuqagela ngekusasa lakhe kwi-Ahly

Abaphathi bakaPitso baxhilwa eyokuqagela ngekusasa lakhe kwi-Ahly
UPitso Mosimane
OkaDonga Gumbi

Abaphathi bakaPitso Mosimane sebeveze ukungenami kwabo ngokusabalala kwamahlebezi ngekusasa lalo mqeqeshi kwi-Al Ahly.

Kuke kwaba neznkulumo zokuthi angase ashiye kuleli qembu uMosimane ngenxa yokungavumelani ngokuthile njengoba kumele kuvuselelwe inkontileka yakhe.

Kubuye kwavela nokuthi sekuqediwe konke futhi uzohola imali engaphezu kukaR2.5-million ngenyanga kuleli qembu lase-Egypt.

Nokho abaphathi bakhe, okuyiMT Sports ephethwe ngunkosikaze wakhe uMosimane uMoira Thlagale, bathi ngamampunge wodwa lawo.

“Imibiko egcwele ezinkundleni zokuxhumana ngezingxoxo zikaPisto Mosimane ngenkontileka entsha ne-Al Ahly azilona iqiniso,” kusho iMT Sports esitatimendeni esikhiphele abezindaba.

“Amanye amaziko ezindaba nabahlaziyi bebhola balokhu bezama ukuveza izinto ezimbi ngalezi zingxoxo.

“Abanye baze basho izinto bathi zishiwo nguMoira Thlagale okunguye imenenja yomqeqeshi,” kusho lesi sitatimende.

FUNDA NALA: UBaxter uveza okwenze abashiye ebhentshini oNurkovic noCastro 

“Kuyaphoxa nokubona ukuthi bazama ukudala uqhekeko phakathi kwalezi zinhlangothi ezixoxisanayo; okuyiqembu, imenenja yomqeqeshi, umqeqeshi, ngokunjalo nabalandeli.

“Iqiniso ukuthi imigomo nemibandela sekuvunyelwene ngayo phakathi kwe-Al Ahly noThalagale. Lokhu kuqagela okugcwele kwabezindaba, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana akulona neze iqiniso.

“Ngenxa yenhlonipho esinayo ye-Al Ahly ngeke sisaphendula lutho ngesimo senkontileka. Sizophawula uma kufanele kuphela.”

Siqhude wathi uMosimane sazinikele ekuqhubekeni asebenze kuleli qembu asewine kulo izicoco ezimbili zeChampions League kulandelana.

Uwine nendondo yethusi kwiNdebe yoMhlaba yamaqembu muva nje okuyinto ebiqala ukwenzeka eqenjini lase-Afrika.

“Umqeqeshi usazinikele ekuqhubekeni nokuba ngumqeqeshi we-Al Ahly, thina siyiMT Sports, abaphathi bakhe sizinikele ekuqinisekiseni ukuthi siyasifeza lesi sifiso sakhe.

“Siyacela kwabezindaba nalabo abazibiza ngabahlaziyi ukuthi abake bame kancane ekudaleni ukungezwani okungenasidingo kulobu budlelwano obukhiphe imiphumela emihle kuze kube manje.

“Ngeke sisakhuluma nabezindaba ngalolu daba kuze kube seluphethiwe,” kuphetha lesi sitatimende.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.