‘Abaqeqeshi bakuleli abeyeke ukuba yiminqolo,’ kusho uMosala

'Abaqeqeshi bakuleli abeyeke ukuba yiminqolo,' kusho uMosala
USelaotse "Sly" Mosala oseqeqesha iMbabane Highlanders
Sbongs Gumbi

Umqeqeshi wakuleli osezinze eSwatini uSelaotse “Sly” Mosala useveze ukuthi abaqeqeshi bakuleli bayiminqolo esabayo ukuyosebenza kwamanye amazwe.

Uthi yingakho begcina bebanga imisebenza eyodwa, bezungeze wonke amaqembu bentunta umsebenzi engabe bayaphuma beyozama nangaphandle kwakuleli.

UMosala ukhulume kanje nabezindaba ngemuva komdlalo weqembu lakhe laseSwatini iMbabane Highlanders eluhlulwe yiRoyal AM kweyokuhlunga yeCaf Champions League.

“Wothi ngikhulume iqiniso nje, imisebenzi (yokuqeqesha) iyamfimfa eNingizimu Afrika. Sibaningi isbheke umsebenzi owodwa,” ucashunwe esho kanje uMosala kwiDaily Sun.

“Abantu baseNingizimu Afrika abafuni ukuphumela ngaphandle kanti lokho kuyinkinga. Abantu babanga umsebenzi owodwa bebe baningi.

Sizophuma nini siye kwamanye amazwe? Abangaphandle bayeza kuleli basithathele imisebenzi futhi sihlale sikhala ngalokho.

“Sithi labantu bokufika basithathela imisebenzi size sigcine sesibabiza ngoplamba. Nathi asiphume siyobe oplamba kwamanye amazwe,” kuchaza yena.

FUNDA NALA: UZwane uthi phansi amaphaphu, i-#ZwaneBall iza kahle

UMosala unxenxe nokuthi abaqeqeshi bakuleli baphume baye kwamanye amazwe bayoqeqesha khona. Nokho bakhona nabanye asebeke baphuma njengaye.

“Kumele siye eZambia, iligi yakhona isezingeni elihle kakhulu, nemali ikhona eZambia. Kukhona i-Uganda neTanzania, siya nini kula mazwe?

“NaseBotswana ibhola liyathuthuka kanti naseSwatini isimo singcono kakhulu kule sizini,” kuchaza lo mqeqeshi oke waqeqesha iFree State Stars neTS SPorting kuleli phambilini.

Ubeyiphini lomqeqeshi kwiSekhukhune United ngaphambi kokuba ashiye ayoqeqesha eSwatini la esephethe khona elinye lamaqembu amakhulu akhona.

editor@impempe.com 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *