Abaqeqeshi beBucs bazigxoba umphambili ngokungamdlalisi uMhango

UGabadinho Mhango
Sihle Ndlovu

I-Orlando Pirates ilidlala lonke ibhola bese ihlulwe yinto ebaluleke kunayo yonke kunobhutshuzwayo – ukushaya amagoli.

Kuphinde kwazibhedela eZimnyama zishaywa yiMarumo Gallants ngo 5-4, kumaphenathi, emdlalweni weNedbank Cup Last 16, ngoLwesithathu. Umdlalo ubuphele ngo 1-1 emizuzwini engu-120.

Nangesikhathi iBucs iguqiswa yiKaizer Chiefs ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto, kugqame kona ukudlala kahle bese ihluleka ukushaya amagoli.

Abaqeqeshi baleli qembu banaye umgadli ongafike ashintshe izinto ekushayweni kwamagoli, uGabadinho Mhango, waseMalawi. UMhango ushaye into ecokeme kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2021, eCameroon, yize eye kulo mqhudelwano evele eselizwa ngendaba ijezi kwiPirates.

Bekunethemba lokuthi ifomu abenayo kwi-Afcon uzobuyela nayo kwiBucs kodwa wafike waphindela ebhentshini. Umqeqeshi uMandla Ncikazi uke wabuzwa ngokuthi ngabe usezodlala yini kwiBucs uMhango ngemuva kokushaya amagoli asize iMalawi yadlulela kwiLast 16 ye-Afcon.

Impendulo kaNcikazi, ithe: “I-Pirates yiqembu elikhulu, sinabo abagadli futhi uMhango ungomunye wabo. SinoZakhele Lepasa noTshegofatso Mabaso asebeke bangaba yingxenye yeqembu.

“Kukhona noKwame Peprah, ngakho iPirates inenqwaba yabagadli yize abanye babo bebelimele.”

Bonke laba bagadli ayekhuluma ngabo uNcikazi kuyaziwa ukuthi bayalishaya igoli uma bethola ithuba. Nokho njengamanje bayehluleka ukwenza lokho, nokwenza abaningi bacabange ukuthi uMhango kumfanele ukuthola ithuba.

“UMhango uzolinda njengabanye abadlali. Siyayibona indlela adlale ngayo kwi-Afcon kodwa mhlawumbe iligi yaseNingizimu Afrika inkulu kune-Afcon,” wacashunywa esho kanje uNcikazi.

Kuyaziwa ukuthi kukhona okungaqondile osekuke kwenziwa uMhango phambilini. Nokho bekunethemba lokuthi konke kuzobuye kudlule, aphinde adlale ngoba iqembu liyamdinga.

UFadlu Davids naye ubuziwe ngoMhango ezinsukwini ezimbalwa ezedlule waphendula wathi: “Kumele ayilwele indawo yakhe.”

Okuxaka kakhulu ngokungadlaliswa kukaMhango ukuthi iPirates ishaya igoli elilodwa kuphela emidlalweni yasekhaya selokhu kubuywe kwi-Afcon. Libe linye idla AmaZulu ngo 1-0 koweNedbank Cup, yangalishaya kwalelo elilodwa ibambana neLamontville Golden Arrows ngo 0-0 koweligi.

Iphinde yahluleka ukushaya igoli ibambana neCape Town City ngo 0-0, yashaya elilodwa idliwa yiChiefs ngo 2-1. Liphinde laba linye ngoLwesithathu ngesikhathi ibambana neGallants ngo 1-1, nokuholele ekutheni igcine ikhishwe kwiNedbank Cup kumaphenathi.

Nokho kubukeka bezilimaza bona abaqeqeshi beBucs ngokungamdlalisi uMhango.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.