Abaqeqeshi bePSL baphika eyokudlebeleka kuMhango

URulani Mokwena
Intatheli yeMpempe

Abaqeqeshi asebeke basebenza noGabadinho Mhango eNingizimu Afrika, bathi abakaze babe nenkinga yokuziphatha kwalo mgadli  waseMalawi.

Njengamanje uMhango akadlaliswa kwi-Orlando Pirates nokushiya imibuzo eminingi kubalandeli beqembu ngokuthi kwenzekani.

UMhango ufike kuleli wasebenzisana nabaqeqeshi abafana noClinton Larsen, kwiBloemfontein Celtic, Gavin Hunt kwiBidvest Wits noRulani Mokwena kwiBucs.

Bonke laba baqeqeshi bathe lo mgadli akakaze abanike izinkinga, ngesikhathi bekhuluma neDaily Sun.

“Besinobudlelwano obuvulelekile. Ngesikhathi ngimqeqesha esafika kuleli kwiCeltic, nangesikhathi siphinde sihlangana kwi-Arrows, angikaze ngibe nencane inkinga naye,” kusho uLarsen oseqeqesha iSummerfield Dynamos.

UHunt naye utshele leli phephandaba ukuthi uMhango “umdlali ongafuni ukuba naye ejimini nje phakathi nesonto kodwa ofuna ukuba naye ngosuku lwemidlalo kuphela.”

UMokwena oke wasebenza noMhango kwiBucs naye usho into efanayo ngalo mgadli.

“Angikaze ngibe nenkinga ngendlela aziphatha ngayo acabanga ngayo, ngakho kuyangiphoxa ukuzwa lokhu okushiwo ngaye, futhi kuyangimangaza,” kusho uMokwena oqeqesha iMamelodi Sundowns.

“Kodwa ngeke ngikwazi ukuphawula ngobudlelwano bakhe nabaqeqeshi bakhe, ngoba angazi ukuthi bumi kanjani.”

UMandla Ncikazi, ongomunye wabaqeqeshi beBucs, uke wacashunwa ethi uyabona ukuthi uMhango udlale kahle kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) kodwa lokho akusho ukuthi uzodlala kalula ngoba iligi yakuleli inkulu kune-Afcon.

Ezinsukwini ezedlule uFadlu Davids, osebenzisana noNcikazi, uthe uMhango kumele ayilwele indawo yakhe kwiBucs kodwa wezwakala egudla ukuthi lo mgadli unakho ukungaziphathisi okomdlali webhola elikhokhelayo.

UMhango ushaye amagoli amathathu kwi-Afcon ka-2021 eCameroon, kanti kubukeke sengathi uzobuya azitamuzele ijezi kwiBucs. Nokho kuze kube yimanje akakadlali nowodwa umdlalo selokhu ebuye kwi-Afcon.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.