ABAVELELE: Usale ngaphandle uRadaba kwababanga imiklomelo yeCSA

ULizelle Lee
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

ICricket South Africa (CSA) imemezele abadlali abazobanga imiklomelo kwiCSA Awards abazomenyezelwa ngoMeyi 31. Okugqame lapha ukuqokwa kuka-Anrich Nortje, umshwibi, no-Aiden Markram obhethayo emklomelweni iCSA Cricketer of the Year. UNortje futhi kokuzokhethwa kubona abashaye into ecokeme emidlalweni yosuku olulodwa kanjalo neyeTest.

Ukaputeni wemidlalo yosuku olulodwa neyeT20 uTemba Bavuma nomdlali obhethayo uRassie van der Dussen baqokwe kweyomdlali wonyaka kwabesilisa. UMarkra, Nortje noBavuma bahambisana noDean Elgar kwiTest Player of the Year.

UDavid Miller, Andile Phehlukwayo noVan der Dussen baqokelwe umklomelo weyosuku olulodwa kanjalo noNortje. KwiT20 Cricketer of the Year kukhona uJanneman Malan, Markram, Tabraiz Shamsi noVan der Dussen.

Umdlali oshwibayo uShabnim Ismail uyena ohamba phambili ngokuqokelwa imiklomelo kwabesifazane. Ukhona kwiCricketer of the Year lapho ebanga khona noLizelle Lee, Sune Luus noLaura Wolvaardt.

KwiT20 Player of the Year kubambene u-Anneke Bosch, Tazmin Brits, Ismail, Marizanne Kapp, Lee noWolvaardt. I-CSA iphinde yaveza ukuthi inomklomelo omusha obizwa ngeMakhaya Ntini Power of Cricket Award.

Okuphawuleke ngabaqokiwe ukungabi khona kukaKagiso Rabada igama lakhe elihlale likhona selokhu aqala ukudlalela amaProteas eminyakeni edlule. Nokho kuzokhumbuleka ukuthi lo mshwibi uke walimala ekuqaleni kwesizini edlule nokwenze ukuthi aphuthelwe yimidlalo eminingi.

AmaProteas abesilisa alungiselela uhambo olubheke eWest Indies nase-Ireland ngenyanga ezayo. Azogxila kakhulu emidlalweni yeT20 njengoba elungiselela iNdebe yoMhlaba yeT20 ngasekupheleni konyaka.
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.