Abaxhasi bafuna ukunika abafana ithuba lokuveza amakhono eThekwini

Abaxhasi bafuna ukunika abafana ithuba lokuveza amakhono eThekwini
Alfred Ngubane 

ISafa eThekwini izoqala umgqudelwano webhola likanobhutshuzwayo ngenhloso yokuvulela amathuba abadlali abasafufusa, ngokusho kukamengameli wayo uMazwi Mkhize.

UMkhize ubegcwele injabulo ebusweni ngesikhathi bethula abaxhasi beSafa eThekwini iGolden Delight kuleli viki.

Le nkampani izibophezelile ukuthi izoxhasa lo mgqudelwano kodwa ayangasho ukuthi isikhathi sayo sizophela nini.

Umphathi weGolden Delight, uNaeem Adam uthi bayakuthokozela ukubanda iqhaza ekufukulweni kwebhola lezikole nalasemphakathini.

Uthi banamathuba akhona abadinga ukuwadlulisela kubantu abasha kwezamabhizinisi. Lesi sikhulu siphinde saveza ukuthi bayaqala eThekwini ukuxhasa bazobona ukuthi kuhamba kanjani ngalo mcintiswano.

“Isifiso wukuthi sikhule nalo mncintiswano ugcine ufika nakwezinye izifundazwe ngoba siyinkampani esabalele izwe lonke,” kusho u-Adam.

FUNDA NALA: Ayanda amabhadi kuShonga osephinde waxoshwa nakwiSekhukhune 

Lo mgqudelwano kulindeleke ubuyise ibhola emphakathini waseThekwini namaphethelo nokukhiqiza abadlali abazogcina sebedlala kwiDStv Premiership.

Ngokusho kukanobhala w Safa eThekwini uZama Buthelezi uthe bazosebenza nezinkakha ekutheni baqiniseke ukuthi lo mgqudelwano.

Ngokohlelo lokudlala kulo mqhudelwano, luzohamba kanjena: amaqembu asenyakatho azodlala wodwa kubalwa izindawo ezifana nakwaMashu, Ntuzuma, Inanda, Umlaza, Lamontville, KwaMakhutha, Mbumbulu, zizohlangana zodwa bese kuthi umdlalo wamanqamu ube sePrincess Magogo Stadium KwaMashu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.