AbeBanyana bathenjiswe izizumbulu uma benza kahle kwi-AWCON

UDanny Jordaan neBanyana Banyana
Sihle Ndlovu

Abadlali beBanyana Banyana bathenjiswe amabhonasi amakhulu uma bewina iWomen’s African Cup of Nations (AWCON) ka-2022 ezodlalelwa eMorocco ngenyanga ezayo.

Lokhu kuqinisekiswe umengameli weSouth African Football Association (Safa), uDanny Jordaan, ngesikhathi kunesithangami nabezindaba eGoli ngoLwesibili.

Kuhlale kukhalwa kakhulu ngokuthi iBanyana yenza kahle kuneBafana Bafana kule minyaka kodwa abadlali bayo bakhokhelwa amakinati. Nokho uJordaan uthembisa ukuthi amantombazane akuleli azohleka wodwa kulokhu.

“Sibeke u-R9.2 million okuyimali enkulu kunayo yonke emaqenjini ethu esizwe, awesilisa nawesifazane,” kusho uJordaan.

Uma iBanyana iwina indebe ye-AWCON umdlali ngamunye uzothola u-R400 000. Uma behlulwa kowamanqamu umdlali ngamunye uzothola u-R55 000.

Kuzoba wu-R40 000 no-R30 000 uma iqembu lakuleli liqeda endaweni yesithathu neyesine.

IBanyana idinga ukufinyelela kowandulela owamanqamu ukuze izibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba eseNew Zealand nase-Australia ngonyaka ozayo. Akungabazeki ukuthi la mabhonasi azobakhuthaza kakhulu abadlali.

Iqembu lakuleli liseqoqweni elilodwa neNigeria, iBotswana neBurundi kuGroup C. Imidlalo iqala ngoJulayi 2.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *