AbeBanyana sekuseduze bazitholele u-R400 000 emunye

ULinda Motlhalo weBaanya egadulisana nomdlali weZambia
Sihle  Ndlovu

Abadlali beBanyana Banyana basalelwe wumdlalo owodwa kuphela ukuthi  bathole amabhonasi angashintsha impilo yabo.

INingizimu Afrika izibekisele indawo kowamanqamu  weWomen’s Africa Cup of Nations (WAFCON) kulandela ukushaya iZambia ngo 1-0 kowandulela owamanqamu ngoMsombuluko ebusuku. Igoli kube yiphenathi ebekwe phakathi uLinda Mothlalo emizuzwini yokugcina ngci.

Lokhu kuchaza ukuthi iBanyana isizodlala owamanqamu weWAFCON okwesihlanu emlandweni wayo, kanti ayikaze iyiwine le ndebe. Izobhekana neMorocco ezodlala owamanqamu okokuqala ngemuva kokushaya iNigeria ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi. Umdlalo ubuphele ngo 1-1 emizuzwini engu-20.

Uma iBanyana iwina kowomanqamu abadlali bathenjiswe yiSouth African Football Association (Safa) ukuthi bazothola u-R400 000 emunye njengebhonasi. Uma ihluleka iBanyana ukuwina kowamanqamu umdlali ngamunye uzothola u-R55 000.

Akungabazeki nokho ukuthi abadlali bazolwela ukuwuwina umdlalo wamanqamu ngesizathu samabhonasi amahle nokuqopha irekhodi elisha lokuwina iWAFCON okokuqala ngqa.

Umdlalo wamanqamu uzodlalwa ngoMgqibelo kanti iZambia neNigeria bazobhekana kowokulwela indawo yesikhathi. IBanyana izoya kowamanqamu inokuzethemba njengoba iyiwine yonke imidlalo emihlanu eyidlalile kwiWAFCON.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *