AbeRoyal AM bafuna uMato Madlala ayobhadla ejele

AbeRoyal bafuna uMato Madlala ayobhadla ejele
UMato Madlala noShauwn "MaMkhize" Mkhize
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Abaphathi beRoyal AM sebegijimele enkantolo beyonxusa ukuba ikhiphe umyalelo wokuboshwa kwesikhulu esiphezulu sePremier Soccer League, uMato Madlala.

Basola lesi sikhulu esibambile ngokwephula imiyalelo yenkantolo ngokugunyaza ukuqhubeka kwemidlalo yokuhlunga kube kunencwadi ekuvimbayo lokhu.

Bathi uma etholwa enecala, kumele ayogqunywa ejele izinsuku ezingu-30, uma etholwa enecala lokuphikisa umthetho wenkantolo.

Lokhu kucishe kube yinto efanayo naleyo eyenzeka kwezepolitiki odabeni lukaJacob Zuma owayengumengameli wakuleli. UZuma bekukhishwe umyalelo wokuba aboshwe ngoba anqaba ukulandela umyalelo wenkantolo ngokuyovela kwikhomishana ephenya ngokuphangwa komnotho wezwe.

Ngokombiko weSunday World, icala elifakwe yiRoyal AM lizongena enkantolo ephakeme yaseGoli ngoJulayi 13. IRoyal AM yayifake isicelo sokuba imiswe imidlalo yokuhlunga kuze kube kuphethwa udaba lwayo lokuphikisa ukubekwa kweSekhukhune United njengompetha beGladAfrica Championship.

Ijaji lenkantolo enkulu yaseGoli, uNyathi, layikhipha le ncwadi. Kodwa ngemuva kokuchithwa kwesicelo sokuqala seRoyal AM, iPSL yanquma ukuqhubeka nemidlalo.

IRoyal AM ayizange iyingene eyale midlalo ikhala ngokuthi ngabe yephula umthetho uma ingayidlala. Lokhu kwaphetha ngokuthi igingqelwe.

“I-PSL yaphikisana nesinqumo sikaJaji uNyathi esamisa ukuqhubeka kwemidlalo yokuhlunga kuze kube kuphethwa isicelo sethu esisenkantolo.

“Ngalokho iPSL yephula umthetho futhi yashaya indiva umyalelo wenkantolo. Uma betholwa benecala, umphathi wayo, okuyisikhulu esiphezulu (Madlala), kumele aboshwe.

FUNDA NALA: Le cwaka ngecala likaMaMkhize nePSL imumethe lukhulu

“Le midlalo yokuhlunga beyiyindlela yokumosha imali, isikhathi nezinsiza nje – kumele ithathwe njengento engenzekanga,” ucashunwe esho kanje ohola ithimba labammeli beRoyal AM, uHappy Godi.

UShauwn “MaMkhize” Mkhize yena uthe le ndaba akuseyona nje eyebhola kuphela kodwa seyingezinto eziqavile ezithinta umphakathi nomthethosisekelo wezwe.

“Lezi zinsolo zokwephulwa kwemithetho ezibhekiswe kwiNSL kumele zibhekwe ngeso lokhozi,” kusho uMaMkhize. Imizamo yeMpempe yokuthola uMadlala ukuba aphawule ngalokhu ayiphumelelanga kodwa sizoqhubeka sizame ukumthola.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.