AbeRoyal AM bathi iPSL idlala ngegeja kuziliwe ngokuqhubeka neyokuhlunga

AbeRoyal AM bathi iPSL idlala ngegeja kuziliwe ngokuqhubeka neyokuhlunga
USinky Mnisi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Imenenja yeRoyal AM, uSinky Mnisi uthi iPremier Soccer League idlala ngegeja kuziliwe ngokuyalela amaqembu ukuba aqhubeke nemidlalo yokuhlungela ukwenyuselwa kwiDStv Premiership.

IPSL iyalele iRichards Bay ukuba ilibangise ePort Elizabeth la izodlala khona neChippa United ngoLwesine ntambama. Lokhu ikwenza nje kunencwadi ekhishwe yinkantolo ephakeme yaseGauteng evimba ukuqhubeka kwale midlalo.

Le ncwadi yayicelwe yiRoyal AM ngesizathu sokuthi isafakele inselelo isinqumo senkantolo ephakeme yaseGoli esabeka iSekhukhune United njengeqembu elinqobe iGladAfrica Championship.

IRoyal AM izophindela enkantolo enkulu yaseGoli la ifake khona le nselelo ngoLwesihlanu. UMnisi uthi akaqondi ukuthi kungani iPSL iphikisana nesinqumo senkantolo.

“Ngingumuntukazana nje kodwa ngicabanga ukuthi iPSL iphula umthetho ngokuqhubeka nemidlalo yokuhlunga. Incwadi yenkantolo yathi imidlalo yokuhlunga ka-2020/21 kumele imiswe.

“Futhi njengamanje asikho esinye isinqumo senkantolo esiphikisa lesi sikaJaji Nyathi,” kusho uMnisi ekhuluma nabeSAfm ngoLwesithathu kusihlwa.

IPSL ikhiphe isitatimende ngoLwesibili ntambama ithi izofaka isicelo esisheshayo enkantolo ukuthi le ncwadi kaJaji Nyathi ihoxiswe. Mhlawumbe iyazethemba ukuthi isinqumo sizoyivuna bese iqhubeka imidlalo.

“Le ncwadi kaJaji Nyathi ikucacisa kahle ukuthi imidlalo yokuhlunga ngeke iqhubeke kusenecala elizongena enkantolo. Thina sizolandela le ncwadi futhi ngeke siye enkundleni ukuyodlala umdlalo wokuhlunga ngeSonto, ngaphandle uma sithola omunye umyalelo wenkantolo osho njalo,” kusho uMnisi.

NgokwePSL, iRoyal AM iqhathwe neChippa United ekhaya eChatsworth Stadium ngeSonto ntambama.

“Zwana ngami, uma ingekho incwadi yenkantolo enesinqumo esihlukile kwesikaJaji Nyathi, mina ngizobe ngizipholele ekhaya ngeSonto. Nabadlali ngokunjalo. Mhlawumbe iPSL ingachaza kangcono ukuthi kungani iqhubeka nemidlalo ibe inkantolo ithe ayimiswe.

“Thina siyiRoyal AM, silinde udaba lwethu oluzongena enkantolo ngoLwesihlanu. Sifuna imvumbe yokufaka inselelo isinqumo esabeka iSekhukhune njengompetha.

“Sifuna ukuya enkantoko enkulu, Sikholwa wukuthi iSekhukhune kwakungamele iphiwe amaphuzu amathathu,” kuchaza uMnisi.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.