AbeSimba basabisa iPirates, bathi izibambe ziqine

AbeSimba basabisa iPirates, bathi izibambe ziqine
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi weSimba SC ezogadulisana ne-Orlando Pirates esigabeni somkhumulajezi kwiCaf Confederation Cup uthi kumele izibambe ziqine ngoba kuzoshuba.

Lamaqembu azogadulisana eBenjamin Mkapa Stadium ngeSonto ngo-6 ntambama emdlalweni womlenze wokuqala.

Umphumela ongaba muhle kwiPirates ngaphandle kokuwina wukuthi kudlalwe ngokulingana kodwa kube namagoli.

Nokho seyixwayisiwe ukuthi ifike izilungiselele impi futhi izibambe ziqine ngoba ngale kwalokho iyobuyela ekhaya eNingizimu Afrika nodume lwengozi.

Ngokusho kwalo mqeqeshi weSimba, uPablo Franco, bona bayiqembu eliqinile futhi elingesabi sitha kulo mqhudelwano.

“Kulesi sigaba somqhudelwano akudingeki maphutha. Nabo ngiyazi bakhathazekile ngokuqhathwa nathi ngoba bayazi babhekene neqembu eliqinile impela,” kusho uFranco.

“Womabili lamaqembu azozama ukudlala ibhola elihle ngoba vele sekusele amaqembu asezingeni eliphezulu kuphela kulesi sigaba.

FUNDA NALA: URulani unethemba lokuthi bazozijika izinto uma sebesekhaya

“Amathuba azoba mancane manje. Lokho kusho ukuthi kumele sizimisele bese silwa,”  kuchaza yena.

Umqeqeshi wePirates, uFadlu Davids yena uthe kuzomele bazame ukukhohlwa abalandeli beSimba, bagxile ekwenzeni abakuzele.

Kulindeleke babalelwe ku-60 000 abalandeli kule nkundla njengoba iSimba ingelinye lamaqembu amakhulu eTanzania.

“Uma udlala neqembu elinabalandeli abagcwele inkundla kumele uvele udlale ibhola uzame ukuthi usokolise abalandeli babo ukuze balijikele iqembu labo.

“Kuzomele siligade kahle ibhola, sidlale ngendlela yethu. Abadlali bethu kumele baqine ngokomqondo.

“Kwesinye isikhathi uma bethola ithuba elincane nje abalandeli babo bazobanga umsindo engathi kwenzeka into enkulu ukuze basithuse,” kusho uDavids.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.