AbeSundowns bazosiza uShalulile ukwephula irekhodi likaMbesuma

AbeSundowns bazosiza uShalulile ukwephula irekhodi likaMbesuma
UPeter Shalulile weMamelodi Sundowns
OkaDonga Gumbi

Uma kuwukuthi uShalulile uzokwazi ukufica irekhodi likaMbesuma lokushaya amagoli kwiDStv Premiership, kuzodingeka ashaye amathathu emdlalweni weMamelodi Sundowns wokugcina.

Uma kuwukuthi ufisa ukuqopha elisha, kuzodingeka ashaye amane uma sebebhekene neRoyal AM eChatsworth Stadium eThekwini.

Indlela edlala ngayo iSundowns lokhu kungenzeka. Kodwa inkinga ukuthi babhekene nelinye iqembu elivamise ukubanika inkinga kusukela lisabizwa ngeBlomfontein Celtic.

Kodwa noma kunjalo, umqeqeshi weSundowns uManqoba Mngqithi uthi bazozama ukumeseka ukuze akuzuze lokho akufisayo lo mgadli.

Ngokwemiklomelo, uShalulile usevele unayo indondo njengoba kunguye ohamba phambili ngamagoli. Useshaye angu-22, kanti omlandelayo unangu-14.

“Thina esingakwenza wukuthi seseke wonke umdlali kanti esimweni sikaShalulile kumele siqinisekise ukuthi isimo siyamvumela ukuba azuze noma yini ayifisayo,” usho kanje uMngqithi.

“Wonke umuntu ukhulula ngaleli rekhodi. Siyajabula ngokuthi nguye ohamba phambili ngamagoli,” kuqhuba lo mqeqeshi.

FUNDA NALA: UMajavu uthi alikho icala elingavimba ukuba kuphothulwe iligi 

“Singazama simnike noma ibhola elibekwe phansi senze isiqiniseko sokuthi uyibeka enethini asondele kuleli rekhodi.”

Leli rekhodi ngokokuqala kuba khona umdlalo obukeka engase alifice kusukela aliqopha uMbesuma ngesizini ka-2004/05 esadlala kwiKaizer Chiefs.

Ekhuluma ngalo kuleli viki, uMbesuma uthe yena akanamona ngalo futhi engajabula uma kungaba khona oliphulayo.

Uthe uyamazi uShalulile futhi uyamethemba ukuthi engaliphula ngoba badlalile bonke phambilini futhi uyamazi ukuthi uyazinikela emsebenzini wakhe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.