Abukeka ekhula kwikhilikithi yomhlaba amaProteas abesifazane

Ukaputeni wamaProteas uDane' van Niekerk akungabazeki ukuthi ujabule ngokwenza kahle kweqembu lakhe

SIHLE NDLOVU

Iqembu lesizwe lekhilikithi labesifazane laseNingizimu Afrika, likhombisa ukukhula kakhulu uma kuqhathaniswa neminyaka edlule.

AmaProteas abesimame abukeka ezimisele ukubalwa namazwe ahamba phambili emhlabeni kwezekhilikithi, njengoba kwenzeka eqenjini labesilisa.

Njengamanje iqembu labesifazane lakuleli livakashelwe yiPakistan engelinye lamazwe ahlonishwayo kwikhilikithi emhlabeni. AmaProteas akhombise ukuthi awayincengi iPakistan eyivuthela ngo 3-0 ovuthayo emidlalweni yosuku olulodwa eKingsmead Stadium, eThekwini.

Emdlalweni wokuqala iqembu lakuleli lawina ngama-run amathathu, kwathi kowesibili lawina ngama-run angu-13. Kowesithathu amaProteas awine ngama-run angu-32, kwasongwa imidlalo yosuku olulodwa ingazange iwine nowodwa iPakistan.

Ngemuva kwalokho kube sekulandela imidlalo yeT20 eqale ngoLwesihlanu khona eKingsmead Stadium. Iqembu lakuleli liwine umdlalo wokuqala ngembudlu yamawikhethi ayisishiyagalombili. Kowesibili ngeSonto amaProteas aphinde adlula ngehubo ewina ngama-run angu-18.

Umdlalo wokugcina uzodlalwa ngoLwesithathu ngo-3.30 ntambama eKingsmead Stadium. AmaProteas asethubeni lokuqopha umlando ngokuthi awine yonke imidlalo yosuku olulodwa, aphinde enze okufanayo kweyeT20. Lokhu kukhombisa kona ukuthi ikhilikithi iyakhula nabakwesimame eNingizimu Afrika, ikakhulukazi njengoba sebedlala ekhokhelwayo njengabesilisa.

Khonamanjalo iHollywood Dolphins izibekisele indawo kowamanqamu weMomentum One-Day Cup ngemuva kokushaya iCape Cobras ngamawikhethi amathathu kowandulela owamanqamu ngoMsombuluko. IDolphins izobhekana nozowina phakathi kweLions neKnights abazobhekana kowandulela owamanqamu ngoLwesibili, eSenwes Park, ePotchefstroom. Umdlalo wamanqamu ungoLwesine ngo-10 ekuseni khona ePotchefstroom.

Leave a Reply

Your email address will not be published.