Abuyise isithunzi sezwe, aletha nenjabulo amaqembu esizwe kuleli

Abuyise isithunzi sezwe, aletha nenjabulo amaqembu esizwe kuleli
AmaBhokobhoko enze ezibukwayo eshaya iWales
Sihle Ndlovu

Impelasonto edlule nesonto esiphezu kwalo kube yimpumelelo kakhulu emaqenjini esizwe emidlalo ehlukene aseNingizimu Afrika.

Empeleni nje kumele kube nenjabulo enkulu eNingizimu Afrika ukuthi amaqembu ethu esizwe aseyakwazi ukusijabulisa cisho wonkana.

Kuqale amaBhokobhoko ngoLwesithathu abuyisa izinduku zishisa kwiWales eyishaya ngo 30-14 eNewlands Stadium, eKapa.

Ukuwina kweqembu lakuleli kwenze ukuthi likhale lemuke nochungechunge lwemidlalo emithathu yeTest eliyiwine ngo 2-1.

Kube sekulandela iBanyana Banya eshaye iZambia ngo 2-1 yazibekisela indawo kowamanqamu weWomen’s Africa Cup of Nations ka-2022 edlalelwa eMorocco.

Iqembu lakuleli selizobhokana nosokhaya iMorocco ngoMgqibelo kowamanqamu.

Ukuwina kweBanyana kuzosho ukuthi iqophe irekhodi elisha ngokuqukula le ndebe okokuqala ngqa emlandweni wayo. Ngakolunye uhlangothi abadlali abazothola u-R400 000 emunye njengebhonasi.

Kuqhubekile ukuwina kwamaqembu aseMzansi ngesikhathi amaProteas eshaya i-England ngama-run angu-62 emdlalweni wokuqala wosuku olulodwa ngoLwsesibili.

FUNDA NALA: Zizobe zihlasela ngokaputeni abasha izinkunzi zaseSoweto ngesizini ezayo

Ukuwina kwezikaMark Baoucher kuchaza ukuti sesihamba phambili ngo 1-0 ochungechungeni lwemidlalo emithathu yosuku olulodwa. AmaProteas azodlala umdlalo wesibili wosuku olulodwa ngoLwesihlanu.

Alisalanga ngaphandle iqembu leNetbal, iSpar Ladies, eshaye iWales ngo 61-44 emdlalweni wokuqala kwemibili yeTest eyidlala naleli lizwe.

Kuyacaca ukuthi amaqembu akuleli abebhaxabula kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule. Akuthentwe ukuthi lokhu kuzogqugquzela neBafana Bafana ukuthi yenze kangcono.

editor@impempe.com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.