Afiphele amathemba eBafana nge-AFCON ibanjwa yiGhana

UPercy Tau

OKADONGA GUMBI
Seyithanda ukuqansa indlela yeBafana Bafana ebheke kwiCAF Africa Cup of Nations (AFCON) kulandela ukubanjwa kwayo ngo 1-1 yiGhana isekhaya eFNB Stadium emdlalweni wokuhlunga ngoLwesine kusihlwa.
Lo mphumela usho ukuthi ukuze ikwazi ukuqeda phezulu eqoqweni layo, iBafana sekumele ibhaxabule iSudan ngembudlu yamagoli ekuhambeni, okuyinto enzima kakhulu.
IBafana iziyekele yona nokho ukuzibeka endaweni engcwele njengoba yehlulwe amathuba alula, abengayenza ishaye iBlack Stars bese iqhwakela kuGroup C.
Lokhu bekungenza ukuthi noma ingadlala ngokulingana eSudan ngeSonto, kodwa ikwazi ukuqeda iphezulu kuleli qoqo, bese ingena igijima eCameroon la i-AFCON izobanjelwa khona.
Manje sekubukeka kuyiGhana enethuba elingcono lokuqeda iqhwakele njengoba izogcina ngeSao Tome and Prencipe engumtapo wamaphuzu kuleli qoqo.
Bekumele kuyiwe ekhefini iBafana seyihamba phambili njengoba iwatholile amathuba amahle okushaya amagoli. Nokho idlale ngawo.
UThapelo Morena bekumele enze kangcono ngomzuzu wesihlanu, ezithola esebhekene nonozinti kuphela, kodwa wavele washaya into ephume eceleni.
USifiso Hlanti yena ukhishwe inkani ngunozinti, elichithela eceleni ibhola lakhe ebeliyishodi alidonse engaphandle nje kancane kwebhokisi leGhana ngomzuzu ka-19.
UMolefi Ntseki uphoqeleke ukwenza ushintsho ngomzuzu ka-24 ngemuva kokuthi u-Andile Jali elimalile, indawo yakhe ithathwe nguBen Motswari.
Bekungelona ke usuku lukaMorena njengoba ephinde wahlulwa yimbuzi yethuba ngomzuzu ka-31, epotshozelwa nguPercy Tau elihle ibhola kodwa walibeka eceleni kwepali.
Ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala iGhana beyisikhombisa ukuhlangana kancane, iveza ubungozi. Yingakho kungethusanga ukuthi emizuzwini emithathu kubuywe ekhefini, ibe seyihamba phambili.
UMohammed Kudus ukwazile ukukhipha ibhola ephakathi kwezotobha zeBafana, lakhala enethini.
Nokho uTau ukwazile ukusheshe asikhokhe iskweletu seBafana, eshaya elokulinganisa ngomzuzu ka-52, ngemuva komnyakazo omuhle wezikaNtseki.
Avelile amanye amathuba kuwo womabili lamaqembu okuthi abengawunqoba lo mdlalo, kodwa awangasebenziseka ngendlela efanele.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *