Ahamba phambili amaProteas kweyeT20 neSri Lanka

Ahamba phambili amaProteas kweyeT20 neSri Lanka
U-Aiden Makram
UMBIKO: Thabiso Ngcobo
ISITHOMBE: Twitter

Adlale ngendlela encomekayo amaProteas eguqisa iSri Lanka ngama-run angu-28 emdlalweni wokuqala kwemithathu yochungechunge lweT20 eColombo ngoLwesihlanu kusihlwa.

Ngemumva kokushaya udaka emidlalweni yosuku olulodwa eguqiswa ngo 2-1 yiSri Lanka, iNingizimu Afrika ifike kulo mdlalo ikwazi kahle kamhlophe okumele ikwenze.

Ukaputeni wamaProteas uKeshav Maharaj uwine ithosi wabe eseqoka ukubhetha kuqala. Abadlali abavulayo uQuinton de Kock noReeza Hendricks badlale kahle.

Bakwazile ukwakha isisekelo sama-run angu-79 ngaphambi kokuthi uDe Kock aphume esenze ama-run angu-36.

UHendricks ulandele eduze ngemuva kwama-run angu-38 njengoba bese kungene u-Aiden Markram.

Ukungena kukaDavid Miller ngemuva kokuphuma kwaHenrick Klassen nge-LBW esenze ama-run amabili kuphela kwenze umehluko omkhulu.

UMiller ulekelele uMarkram benza isisekelo sama-run angu-64 njengoba uMarkram ashaye into ecokeme ebhalisa ama-run angu-48 ebhodini kwathi uMiller yena wenza angu-26 ngaphambi kokuba baphume.

UKagiso Rabada benoDwaine Pretorius baqinisekile ukuthi iqembu lasekhaya lihlanganisa ama-run angu-163 sekuwe amawikhethi amahlanu kuma-over angu-20.

FUNDA NALA: Avele adumaza AmaZulu ebheka eNtarashishi ebe ethunywe eNiniva

ISri Lanka ihluleke yancama ukuhlanganisa ama-run angu-164 njengoba uTabraiz Shamsi, Pretorius, Maharaj, Bjorn Fortun no-Anrich Nortje bethathe amawikhethi umdlali ngamunye.

Lokhu kuqinisekise ukuthi ezikaMark Boucher ziyawunqoba lo mdlalo. Umdlalo wesibili uzokuba senkundleni efanayo ngeSonto kanti uqala ngo-3.30 ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.