Akabasoli kakhulu abadlali ngokuyeka ukuqhulula amagoli behlula iLeopards uDa Gama weGalaxy

UBevan Grandma weTS Galaxy noMohammed Anas weBlack Leopards

OKADONGA GUMBI

Umqeqeshi weTS Galaxy, u-Owen Da Gama, uthi kuyinto ejwayelekile ukuthi iqembu eliye ekhefini selishaye amagoli amabili noma ngaphezulu lingabe lisakwazi ukuqhubeka nokuqhulula amanye esiwombeni sesibili.

Lokhu ukusho ngemuva kokuba behlule iBlack Leopards ngo 3-1 emdlalweni weDStv Premiership eMbombela Stadium ngoLwesithathu kusihlwa.

IRockets beyiye ekhefini ihamba phambili ngo 2-0 wamagoli oTebogo Makobela, okube wumkhonto ogwaze ekhaya nelikaMarks Munyai. Ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili, uMasilake Phohlongo ushaye elesithathu.

ILidoda Duvha ibe seyizama ukubuya, kodwa yagcina ngokuthola elokuyobika ekhaya eVenda ukuthi nempela beyiseMpumalanga. Lishaywe nguThemba Ndlovu.
“Angikaze ngibone iqembu eliya ekhefini lihamba phambili ngamagoli amabili libuye esiwombeni sesibili lishaye amane,” kusho uDa Gama ngemuva komdlalo.
“Ngisho ngabe niye ekhefini niphambili ngo 5-0, kuba nzima ukuqhubeka nokushaya amagoli esiwombeni sesibili.
“Ngicabanga ukuthi abafana bami behlisile kancane umfutho esiwombeni sesibili ngoba sebezitshela ukuthi sesiwinile vele. Kodwa kumele ngiyincome neLeopards, ilibambe kahle kakhulu ibhola,” kuchaza lo mqeqeshi oseke wapheka neBafana Bafana.
Uthe bebenalo icebo lokuyihlakaza iLeopards kwazise bayicwaninge kahle ngesikhathi belungiselela lo mdlalo.
“Ngesikhathi sicwaninga indlela edlala ngayo iLeopards, sithole ukuthi kunesikhala esikhulu phakathi kwezitobha nabadlali basesiswini. Nokuthi bebedlala ngesitobha esisha maphakathi nendawo, ngakho bebengajwayelene o(Tsepo) Matsimbi no(Edwin) Gyimah kusisizile.
“Sibe sesibacindezela kakhulu, siqonda ngqo kubo uma sihlasela… Besazi ukuthi abadlali abamqoka kubo ngu(Mohammed) Anas noLifa (Hlongwane) bebebahle kakhulu fuji besazi bazosithwalisa kanzima.
“Besazi nokho ukuthi uma sivala kahle emuva sizoba nethuba lokubahlula.”
Lo mphumela uthathe iGalaxy wayifaka emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu njengoba ikweyesikhombisa ngamaphuzu angu-26.
ILeopards yona isayibambe emsileni kanti isimo sesithanda ukuqansa kakhulu kuyo njengoba imidlalo iyinciphela nje.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.