Akafuni nokuyizwa eyokulahla amaphuzu uSithebe woSuthu

USiyethemba Sithebe

OKADONGA GUMBI

Imidlalo iyancipha kanti namathuba namathemba okuthi AmaZulu FC angagila izimanga adle isicoco seDStv Premiership ayaqina, futhi yinto engenzeka uma nje engangayilahla ifomu yawo.

Njengamanje Usuthu lusendaweni yesibili kwilogi kanti lusele ngamaphuzu amathathu kwiMamelodi Sundowns yize yona isenemidlalo emithathu eyigodle ekhwapheni.

Uma Usuthu lugayiqumba phansi iCape Town City elizobhekana nayo eCape Town Stadium ngoLwesithathu ntambama, bese kuthi iSundowns iphinde ididiseke kwiGolden Arrows ngosuku olufanayo, izinto zingajika kakhulu.

Umdlali wasesiwini woSuthu osefomini enhle kulezi zinsuku, uSiyethemba Sithebe uthi ngeke besalenza manje iphutha lokulahla amaphuzu.

“Kumele sidlale ngokuzimisela ngoba vele siyazi ngeke kube lula, futhi manje asisekho isidingo sokuthi silahle amaphuzu.

“Yonke imidlalo esizoyidlala manje isifana neyamanqamu, ngakho kumele sisebenze ngokuzikhandla,” kusho le nsizwa edabuka eNewcastle

“Siyazi ukuthi iCape Town City iyiqembu eliqinile futhi iyalihlikihla ibhola, isebenzise kakhulu abadlali basezimpondweni.

“Kuzoba wumdlalo onzima ikakhulukazi ngoba sizobe sisekuhambeni, kuzofanele sizibambe ziqine impela ngoba asifuni ukulahlala amaphuzu.”

Uthe umqeqeshi, uBenni McCarthy usewenzile owakhe umsebenzi njengoba ebacebisile ngezindlela abangayishaya ngayo iCitizens.

“Amalungiselelo ahamba kahle yize isikhathi singekho kahle kodwa siyayazi iCity ukuthi idlala kanjani. Sibacubungule kahle futhi necebo sesinalo, sihlome siphelele. Sesibalungele,” kusho uSithebe.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *