Akaguqi ngoba ephoqiwe uVan Der Dussen, ulwa nokucwasa

Akaguqi ngoba ephoqiwe uVan Der Dussen, ulwa nokucwasa
URassie van der Dussen
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Umdlali wekhilikithi, uRassie van der Dussen, ungomunye walabo bantu abazithobile futhi abamhloniphayo omunye umuntu.

Le ngwazi yamaProteas, eneminyaka engu-32, igcizelela ukuthi ingumuntu ozibeke phansi futhi lokho kuyazibonakalela uma isenkundleni.

“Ngihlale ngazama ngaso sonke isikhathi ukuzithoba.

“Isizathu esenza ukuthi ngihlabe ngedolo phansi, ukuthi ngiyaweseka kakhulu umkhankaso obizwa ngokuthi yiBlack Lives Matter,” kusho uVan der Dussen ekhuluma kwi-SAfm.

“Yize ngiyiBhunu kodwa bengazi ukuthi kubalulekile kimina ukwenza lokhu (ukuguqa).

“Hhayi ngoba kumele ngikwenze kodwa ngoba ngiyafuna futhi ngiyathanda ukukwenza.”

Kuke kwasuka omkhulu umsindo ngesikhathi uQuinton de Kock engafuni ukuguqa kwiNdebe yoMhlaba yeT20 ebiseDubai.

Lo mdlali uze wancamela ukungadlali ngesikhathi amaProteas ebhekene neWest Indies, ngoba nje engafuni ukulandela umyalelo weCricket South Africa (CSA) wokuthi akuguqwe.

“Angikunaki ukugxekwa engikutholayo ikakhulukazi kwabakhuluma isiBhunu, ngoba ngiyayazi into engiyimele.

“Ngiyabonga kakhulu kubazali bami ngokungifundisa ngokulingana kwabantu.

“Ubaba wami wayegamanxile kwezepolitiki futhi wayesohlangathini lwe-ANC ngezikhathi zakudala.

“Abanye abantu bazothi All Live Matters. Kodwa iqiniso ukuthi ngaphambi kuka-1994 kwakungahambi kanjalo ezweni lethu.

FUNDA NALA: Kuboshwe owayedlala kwiPirates ngecala lokugqekeza 

“Yikho nje ngijabula ukuphonsa itshe esivivaneni kulo mkhankaso olwa nokucwasa emhlabeni,” kuphetha uVan der Dussen.

AmaProteas azovakashelwa yiNetherlands ukuzodlala imidlalo yosuku olulodwa kusukela ngoNovemba 26 eSuperSport Park, eCenturion.

Umdlalo wesibili uzophinde udlalelwe khona eCenturion ngoNovemba 28.

Owesithathu uzokuba seWanderers Stadium, eGoli ngoDisemba 1.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *