Akakhathazekile ngeqembu eliqokwe abalandeli uJose Riveiro wePirates

Akakhathazekile ngeqembu eliqokwe abalandeli uJose Riveiro wePirates
UJose Riveiro oqeqesha i-Orlando Pirates

 

Uchoma ngokuthi bonke abadlali bakhe baseqophelweni eliphezulu umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ngakho akakhathazekile ngeqembu elikhethwe abalandeli ukudlala kwiCarling Cup. 

IPirates izogadulisana neChiefs emdlalweni wesibili kweyandulela owamanqamu kule ndebe eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama. 

Amaqembu aqala umdlalo kwiCarling Cup asuke eqokwe abalandeli. Kodwa uRiveiro uthi noma ngabe ibaphi ababoshelwe, iPirates izodlala ibhola elihle. 

“Umncintiwano ohlukile lona futhi unemithetho ehlukile. Kumele siyifunde siyiqonde le mithetho,” kusho uJose Riveiro ngoLwesithathu. 

“Ngabalandeli ababophele abadlali abangu-11 kodwa lokho akuyona inkinga kithi. Thina sizokwenza okufanele ukuthi sikwazi ukudlala kahle ngalaba badlali ababaqokile.

“Sinabadlali abasezingeni eliphezulu abalandeli abakhetha kubo ngakho bonke bazobe bekulungele ukudlala futhi cishe bonke bazolithola ithuba lokudlala.”

Uthe namalungiselelo abo ayafana naweminye imidlalo akukho ukudembesela okukhona ngoba bonke abadlali bayafisa ukudlala kulo mdlalo.

FUNDA NALA: UDove weChiefs akafuni ukuphumela obala ngokuhamba kwakhe kwiCT City

“Sizilungiselela kahle kodwa yikho nje ukuthi isimo sihlukile. Kudingeka siqaphele ukuthi sizicija kanjani ngoba vele iqembu elizoqala umdlalo seliqokiwe. 

“Siwulungiselela ngokuzimisela lo mdlalo ngoba sifuna ukudlula kuwo,” kuchaza lo mqeqeshi odabuka eSpain. 

Ozowina phakathi kwalezi zinkunzi zaseSoweto uyobe esebhekana nozowina kwiMamelodi Sundowns naMaZulu FC kowamanqamu.

Abalandeli bePirates balibophele kanje elabo iqembu ababona lizodlula kwiChiefs ngoMgqibelo. U-Innocent Maela kungenzeka angadlali ngenxa yokulimala. 

Richard Ofori – James Monyane, Olisa Ndah, Innocent Maela, Paseka Mako; Fortune Makaringe, Ben Motshwari, Miguel Timm – Monnapule Saleng; Ndabayithethwa Ndlondlo, Kermit Erasmus.

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *