Akakhathazekle uZwane ngaMaZulu ame endleleni yabo eya kowamanqamu

U-Arthur Zwane

SIHLE NDLOVU

Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi bakulungele ukudlala nanoma yiliphi iqembu kowandulela owamanqamu kwiDStv Diski Challenge Rewired.

Amakhosi asonge imidlalo yamaphuzu ngokushaya iTshakhuma Tsha Madzivhandila ngo 3-1 ngeSonto nokwenze ukuthi aqede esesicongweni. Lokhu kusho ukuthi iChiefs izobhekana naMaZulu aqede endaweni yesibili eqoqweni lawo. Komunye umdlalo owandulela owamanqamu kuzotholana phezulu iMamelodi Sundowns neCape Town City.

“Bese sivele siqalile ukulungiselela amaqembu amabili. Besazi ukuthi sizodlala neCape Town City noma AmaZulu, ngakho siyazi ukuthi la maqembu adlala kanjani. Besiwahlelela womabili amaqembu ukuze noma yiliphi esizodlala nalo lisifice silungile,” kusho uZwane.

Mayelana nomdlalo wokugcina wamaphuzu uZwane uthe unike ithuba abadlali ababangalitholi ijezi ngoba vele bese bezibekisele indawo kweyandulela eyamanqamu.

“Sisebenzise lo mdlalo ukuzivivinya thina nokunika ithuba abadlali abebengadlali njalo. Benze kahle, kodwa njengoba wazi ukuthi ebholeni ayenzeka amaphutha, bawenzile amaphutha kodwa siyazi ukuthi bazofunda babe ngcono.

“Ngicabanga ukuthi sisheshe salithola igoli lokuqala ngemuva kwalokho sehlisa izinga lokudlala.Sibavumelelile ukuthi beze kithi futhi bese kucaca ukuthi bangalishaya noma yinini igoli.

“Abafana kumele bafunde ukusebenzisa amathuba. Uma uzoshaya igoli lokuqala bese uthole ithuba lokushaya elesebili nelesithathu kumele ukwenze lokho uwuqede umdlalo,” kusho uZwane.

Lo mqeqeshi uthe kumele bazame ukwenza ngendlela ehlukile emidlalweni ezayo ngoba bangazithola besenkingeni.

“Ngesiwombe sesibili sithole inqwaba yamathuba sangawasebenzisa. Yinto ekhathazayo leyo kodwa ngeke siyeke ukuzama ukuyilungisa,” kuphetha uZwane.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.