Akakwazi ukuzibamba ngendlela ajabule ngayo uBenni ngabadlali boSuthu

UBenni McCarthy

SIHLE NDLOVU
Uzwakala ngisho ekhuluma ukuthi wesese ngendlela eyisimanga umqeqeshi waMaZulu FC, uBenni McCarthy.

Ujabule ngakhona uMcCarthy njengoba iqembu lakhe lenza kahle selokhu efikile. Usuthu lushaye iSuperSport United ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ntambama. Lokhu kwenze lwanyukela endaweni yesithupha kwi-log.

“Ngiyabajabulela kakhulu abafana. Abadlali bami basebenza ngokuzikhandla okukhulu futhi banginika konke abanakho. Kumele ngikujabulele kakhulu lokho. Ngicabanga ukuthi umdlalo ubumuhle kakhulu,” kusho uMcCarthy.

“Sidlale kahle sawuphatha umdlalo ikakhulukazi esiswini. Ngiyazi banabadlali abahle abasebancane uMbule (Sipho) noMokoena (Tebogo), abangabadlali bakusasa beBafana Bafana. Nokho esiswini sibehlulile kakhulu. UMlambo (Xola), uMakhaula (Makhehleni) noSithebe (Siyethemba) bebenza ezibukwayo esiswini.

“Iyodwa kuphela into engingakhala ngayo namuhla, ukuthi asikwazanga ukushaya amanye amagoli, nokuyinto esifakele ingcindezi enkulu sekuzophela umdlalo, ngoba siyayazi iSuperSport ihlala ifaka ingcindezi ngokudlala amabhola amade. Kodwa ukube besishaye amagoli amabili noma amathathu besizowujabulela kakhulu umdlalo. Kodwake kuhamba kanjalo kwiDStv Premiership. Ngijabule ngamaphuzu amathathu futhi abadlali bami balokhu beba ngcono,” kusho uMcCarthy.

Lo mqeqeshi uphethe ngokuthi kumele baqaphele ngoba imidlalo iza ilandelalana nokuchaza ukuthi kumele ulokhu udlala namaqembu okuyiwonawona njengoba bebeyibambe kwiNedbank Cup ngempelasonto. AmaZulu azobuyela enkundleni ngoMashi 10 lapho ezobhekana khona neChippa United komunye umdlalo weligi obalulekile eSisa Dukashe Stadium. IChilli Boys nayo ibukeka ivukile kakhulu selokhu kufike uDan Malesela, nokuchaza ukuthi Usuthu kumele luzibambe ziqine.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *