Akalimalanga kakhulu u-Erasmus, uzobuya emva kwenyanga

UKermit Erasmus

OKADONGA GUMBI
Ukukhathazeka okube khona ngesikhathi uKermit Erasmus elimala iMamelodi Sundowns ibhekene neStellennlbosch FC muva nje sekwehlile njengoba sekuvelile ukuthi akukubi kakhulu.
Ngokusho kukadokotela weSundowns, uDkt Carl Tabane, u-Erasmus uzohlala isikhathi esingaphezulu kancane kwenyanga engadlali njengoba ezohlinzwa eqakaleni.
Uvumile ukuthi ngesikhathi kusandokwenzeka babethukile bezitshela ukuthi kubi kakhulu.
“Ngicabanga ukuthi wonke umuntu wazibonela kwithelevishini ukuthi walimala kanjani bedlala neStellennlbosch.
“Kwasithusa, sasibona sengathi konakele kakhulu, kwabuya nesithombe sokulimala kukaThapelo (Morena) emakhanda wethu,” kusho uDkt Tabane.
UMorena waphuka kabuhlungu futhi kwamthatha isikhathi esingaphezu konyaka ukuba alulame.
Kodwa okuka-Erasmus kungcono kakhulu, futhi uzosheshe abuye kwazise iqembu liyamdinga.
“Nokho ngijabule ukusho ukuthi akukubi ngendlela ebesicabanga ngayo. Uklunyuke iqakala, futhi kubonakala kungekubi.
“Kuzodingeka simhlinze futhi useluqalile uhlelo lokwelulama. Yonke into sizoyenza ngesineke.
“Angase abuyele enkundleni ngemuva kwamaviki amane kuya kwayisithupha, kodwa kungenzeka kube nganeno kwalokho.
“Akukubi ngendlela okwakubukeka ngayo futhi angase abuye maduze nje,” kuchaza lo dokotela.
Uthe ngenxa yamava asebenawo, ukulimala okufana nalokhu kuka-Erasmus sebehlale bekungele futhi banendlela yokukupholisa ngokushesha.
“Njengethimba lodokotela kwiSundowns sinamava okulimala kwalolu hlobo futhi sinezindlela zokukwelapha.”

Email: Editor@impempe.com 

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.