Akambalanga kulokhu ‘umakhwapheni’ ebonga abamesekile u-Anas weLeopards

Umgadli weBlack Leopards, uMohammed Anas

OKADONGA GUMBI

Umshiye ngaphandle kulokhu ‘umakhwapheni’ wakhe uMohammed Anas ngesikhathi ebonga indebe yakhe yokuba nguMdlali oVelele emdlalweni la esize khona iBlack Leopards ishaye iLamontville Golden Arrows kwiDStv Premiership ngoLwesibili.

Lo mgadli weLidoda Duvha nguye oshaye womabili amagoli bewina ngo 2-1 ekuhambeni eSugar Ray Xulu Stadium eThekwini. Elesibili kube yintululwane ayidonse ekude nepali, wathi uyazama ukuyivimba unozinti we-Arrows, uSfiso Mlungwana wangayifica.

U-Anas waba sematheni kuleli eminyakeni embalwa edlule esadlala kwiFree State Stars ngesikhathi ebonga umfazi wakhe kanye nentombi yakhe ngemuva kokuba eqokwe njengoMdlali oVelele.

Nokho wabuye wazama ukulipholisa lelo phutha lakhe ethi uvamise ukubiza indodakazi yakhe ngomakhwapheni wakhe futhi ubeqonde yona, hhayi ukuthi unentombi eceleni.

“Ngijabule kakhulu,” kusho u-Anas ngemuva komdlalo wangoLwesibili. “Futhi le ndebe ngicabanga ukuthi kufanele ngiyidlulisele kunkosikazi nezingane zethu ezimbili ngoba yibona abebengugqugquzela like sizini,” kusho le nsizwa yaseGhana.

“Ngifuna ukuthi kubo, ‘ngiyabonga’ (ngokungeseka kwabo),” kubeka u-Anas oneminyaka engu-26, nowafikela kwiMaritzburg United kuleli ngo-2014.

U-Anas – odlale isikhathi eside eSwatini emaqenjini ehlukene okukhona kuwo iMbanane Swallows – unomdanso wakhe ohlukile awushayayo uma eqeda ukubhakuzisa inethi.

“Lowo mdanso… Ngawufunda ngisemncane komunye wabantu abadala ngasekhaya – ngebhadi usanda kushona, engathi engaphumula kahle – le eGhana.

“Babewushaya lo mdanso nami ngawuthanda bangifundisa,” kuchaza yena. Uvale ngomlayezo obhekiswe kubalandeli beLidoda Duvha.

“Abalandeli beLeopards abaqhubeke baseseke. Akonakele lutho lapha (eqenjini). UMogege ukhona. U-The Buyer ukhona,” ezisho yena.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe

Leave a Reply

Your email address will not be published.