Akanandaba nokuthi kuthiwani ngaye uNcikazi

UNkosinathi Sibisi

ALFRED NGUBANE

UMandla Ncikazi utshele impempe.com ukuthi amabagqizi qakala abantu abambukela phansi nabacabanga ukuthi ulungisa iphutha ngokungenzi kahle ngesikhathi esengumqeqeshi weMaritzburg United.

UNcikazi wenza izimanga neGolden Arrows ayiqeqeshayo ngemuva kokuba yashiywa nguSteve Komphela ekuqaleni kwesizini waya kwiMamelodi Sundowns.

Uthi njengoba Abafana Bes’thende benza kahle nje khona abacabanga ukuthi ugeza igama lakhe ngokushaya udaka ngenkathi esaqhoqhobele izintambo kuMaritzburg.

Uncome abadlali waghi yibo abasebenza ngokuzikhandla, okwakhe ukuqinisekisa ukuthi uyabanika amacebo aphusile nenhlonipho.

I-Arrows ngelinye lamaqembu adlala ibhola elisezingeni eliphezulu aphinde agaqele nesicoco seDStv Priemership.

Leli qembu laseThekwini lusendaweni yesithathu kwilogi, ligadile ukuthi uma iMamelodi Sundowns ingalahla, lidle isicoco.

Ukaputeni we-Arrows, uNkosinathi Sibisi utshele Impempe ukuthi banaso isifiso sokuqopha umlando ngokudla lesi sicoco uma ithuba livela.

“Singajabula ukuqopha umlando, sishiye umsizila omuhle wokunqoba izindebe lapha eqenjini. Sifuna ukulandela laba abadla isicoco seMTN8 ngo-2009,” kusho uSibisi.

I-Arrows yawina le ndebe ngesikhathi isaphekwa nguManqoba Mngqithi esizwa nguye uNcikazi.

Abafana Bes’thende banomdlalo onzima nomkhaya wabo AmaZulu FC abasembangweni wesicoco nawo ngoMgqibelo ntambama.

Lo mdlalo useSugar Ray Xulu Stadium, eClermont ngo 3 ntambama, kanti kulindeleke ushube kakhulu.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.