Akananxa neCeltic engamsayinanga uMokhele weChippa

OkaDonga Gumbi

Akukho gqubu alibambele iBloemfontein Celtic uMaloisane Mokhele owayedlala kwinkulisa yaleli qembu esemncane kodwa wagcina engakhushulelwanga eqenjini elikhulu.

UMokhele, ona-24 weminyaka, usayinwe nguLehloholo Seema esangumqeqeshi kwiChilli Boys ekuqaleni kwesizini. USeema nguyena owayelolonga iqembu leMultiChoice Diski Challenge kwiCeltic ngesikhathi uMokhele edlala kulo eminyakeni emihlanu edlule.

Nokho uSeema akasekho kuChippa njengoba axoshwa kwaqashwa uDan “Dance” Malesela endaweni yakhe.

UMokhele uzobuyela eBloemfonten ngoLwesithathu ehamba neqembu lakhe elisha njengoba beyogadulisana neCeltic emdlalweni weDStv Premiership eDr Petrus Molemela Stadium ngo 5 ntambama.

“Cha, akukho gqubu enginalo,” usho kanje. “Ngiya laphaya neqembu siyolanda amaphuzu amathathu. Anginanxa nabo. Empeleni ngibabahlonipha kakhulu,” kuqhuba yena.

Kusukela kufike uMalesela, uMaloisane udlala kahle futhi usakhe ubudlelwane obuhle nozakwabo uPeter Maloisane no-Andile Mbenyane adlala nabo esiswini.

“Ngicabanga ukuthi umqeqeshi uyakholelwa kithi, futhi uyasethemba yingakho engasigxishi ngolwazi oluningi kakhulu. Uyakwazi esikwazi ukukwenza uma sesibheke emapalini. Yithina esisuke sisenkundleni sibona izikhala esingadlula kuzo siyoshaya igoli,” uchaze kanje.

UMaloisane uzithethelele amacala akhe okushweba amathuba alula ngokuthi usanda kuqala ukudlala esigabeni esikhokhelayo. Uthi inkonyane isathuka isisinga la kuye.

“Kodwa kuya ngokuba ngcono usuku nosuku, okwamanje ngisafunda. Sengike nganamathuba okushaya amagoli lapho bengiphume ngedwa sengibhekene nonozinti kuphela kodwa ngahluleka wukukora.

“Kodwa vele ngisafunda, ngokuhamba kwesikhathi ngizojwayela bese ngiwabasele enethini amathuba anjeya.”

Nokho akufani kwazise usewashayile amabili kanti usenike nozakwabo ibhola ukuba bakore (assists) kahlanu.

Leave a Reply

Your email address will not be published.