Akanelisekanga u-Ellis yize iBanyana ishaye i-Algeria

Akanelisekanga u-Ellis yize iBanyana ishaye i-Algeria
OkaDonga Gumbi

Usale engenelisekile umqeqeshi weBanyana Banyana uDeseree Ellis ngokuhluleka kweqembu lakhe ukubhudluza i-Algeria emidlalweni yokuhlungela iCaf Women’s Africa Cup of Nations.

U-Ellis ubebheke ukuthi benze kangcono njengoba bebebhekene ne-Algeria abagcina ukudlala nayo ngo-2014 kodwa bawamosha amathuba abawatholile.

Amagoli ewine ngawo iBanyana kulo mdlalo obungeLwesihlanu e-Orlando Stadium ashaywe oHilda Mgaia esiwombeni sokuqala noThembi Katlana ngasekupheleni kwesesibili.

“Sibahlaziye kahle futhi besizitshela ukuthi bazohlala emuva ukuze bengangenelwa yigoli ekuhambeni bese bazame ukusihlasela ngokusizuma,” kusho u-Ellis ngemuva komdlalo.

FUNDA NALA: UMcCarthy ubhoboka ngothando analo ngomdlali wePirates

“Ngesikhathi sizicijela umdlalo besilolonga amacebo okubagqobhoza uma kwenzeka behlala emuva. Kodwa kuthe uqala nje umdlalo kwangathi siyakulibala konke lokhu ebesikuhlelile.

“Nokuthi abazange balishaye kuqala igoli kube yinhlanhla. Kodwa sibuye savuka futhi yithi engicabanga ukuthi besilawula umdlalo sakha namathuba amaningi okushaya amagoli.

“Kodwa besibuye sehlise isivinini kwale noma sesibatshela abadlali ukuthi abenyuse, baphaselane ngokushesha,” kubalisa u-Ellis.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *