Akasakwazi okumele akwenze ukuthola ijezi uLentjies

UKurt Lentjies weChippa United

MTHOKOZISI MNCUSENI

“Kukuyena umqeqeshi weChippa United uDan Malesela ukuthi uzimisele yini ukungisebenzisa noma cha. Akukho mina engingakwenza ngaphandle kokuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla okuyinto ebengiyenza vele.”

Lokhu kushiwo uKurt Lentjies owayengukaputeni kwiChilli Boys futhi eyiqala yonke imidlalo engakafiki uMalesela.

Kusobala-ke nokho ukuthi indlela yokudlala kaMalesela ayimdingi kangako uLentjies ngoba iqembu lenza kahle kodwa uthola amanenjana ngaso sonke isikhathi kumbe limeqe ekhona ijezi.

Nakuba kunjalo akadikibele uLentjies osemnkantshubomvu ngokudlala esigabeni esikhokhelayo eNingizimu Afrika.

Lo mdlali uthi ngeke ayeke ukwenza ngale ndlela enza ngayo ngoba iyona kuphela ayaziyo.

“Ngokwami imizuzu engiyithola enkundleni mincane kakhulu kunale engiyifisayo. Kusemqoka kodwa ukuqonda lokho bese ukwamukela.

“Ngikholelwa ekutheni ngisebenza ngokuzikhandla ukukhombisa umqeqeshi ukuthi yini engingayenzela iqembu futhi ngiyazethemba. Angikaze ngibe nenkinga yokungazethembi neyokungakholelwa ethalenteni lami engiliphiwe uMdali.

“Kukuyena umqeqeshi ukuthi uyathanda yini ukungisebenzisa noma cha,” kusho lo mdlali oseke wagijima kwiMamelodi Sundowns neMaritzburg United phambilini.

NgoMgqibelo iChilli Boys azovakashelwa yi-Orlando Pirates abazogadulisana nayo eNelson Mandela Bay Stadium ngo 5 ntambama emdlalweni weDStv Premiership.

Lo mdlalo ufika eduze kwemibili (oweligi noweNedbank Cup) iChippa eyidlale neCape Town City muva nje.

“Inzima le midlalo esisuka kuyo futhi ukusondelana kwayo yikhona okwenza ibe lukhuni kakhulu. Ayikho kangako inkinga (ngale midlalo) ngoba iqembu esinalo lanele ukuthi singamelana nayo.

“Bonke abadlali bafithi ngokwanele. Siwulindele lo mdlalo wePirates. Angikungabazi ukuthi uzobe unzima njengayo yonke eminye yeligi. Sidlale kabili neCape Town City manje sekuyiPirates.

“Akukho lapho singabalelekela khona ngakho-ke kufanele siyidlale le midlalo futhi senze kahle.

“Sizophumula kancane bese kuqala indaba yePirates kodwa konke kulele ekutheni basitshelani abaqeqeshi.

“Kumqoka kakhulu ukungehlulwa manje njengoba isizini isisesigabeni sesibili. Uma singawatholi egcwele amaphuzu kufanele okungenani sithathe elilodwa ngoba sekushubile manje kwisizini,” kusonga uLentjies.

Email: mthokozisi@impempe.com

Twitter: @MthokozMncuseni

Facebook:Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.