Akasezi uZungu kwiBafana, uyifisele inhlanhla

UBongani Zungu nozakwabo bakwiRangers

OKADONGA GUMBI

Usekuqinisekisile ukuthi ngeke aphumelele ukuza kwiBafana Bafana uBongani Zungu njengoba engavumelekile ukuphuma eScotland la adlala khona kwiRangers FC.

Ososesheni bamazwe amaningi ase-Europe bashaye umthetho wokuthi ngeke abadlali bavunyelwe ukuya emaqenjini abo esizwe ngenxa yokwesabeka ukuthi bangase batheleleke ngeCovid-19.

IBafana ibisenethemba nokho lokuthi izobathola laba badlali njengoba beyisicele ukuthi bajoyine iqembu uma seliseSudan uma kuwukuthi kusatshwa iNingizimu Afrika engelinye lamazwe ahaqwe kakhulu yilolu khuvethe.

Nokho uZungu udalule ukuthi akasezi ngokubhala kwiTwitter yakhe ngoLwesibili ntambama.

“Ngebhadi ngeke ngikwazi ukuhamba ngiye eNingizimu Afrika ukuze ngimele izwe lami. Kodwa ngifisa ukudlulisa izilokotho ezinhle kozakwethu, ngibafisela inhlanhla,” kubhala lo mdlali wasesiwini oseyisethenjwa kwiBafana.

IBafana inemidlalo emibili yokugcina kweyokuhlungela iCAF Africa Cup of Nations (AFCON) ezobhekana kuyo neGhana ngoLwesine ekhaya eFNB Stadium neSudan ekuhambeni ngeSonto.

IBafana isesimweni esihle sokuthi ingene kulo mqhudelwano ikakhulukazi uma ingakwazi ukushaya iBlack Stars okumanje ibambene nayo ngamaphuzu ayisiyishiyagalolunye kuGroup C.

Khonamanjalo, noDean Furman, Thulani Serero noKeagan Dolly nabo mancane amathuba okuthi bagcine bekwazile ukufika.

Lokhu kuzoyilimaza kakhulu iBafana njengoba ibidinga ukuhloma iphelele ukuze ikwazi ukuwina le midlalo yomibili.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.