Akathethanga, kodwa ubakhomozile, bavuka bayigingqa iSundowns

UNjabulo Blom emakene no-Andile Jali

OKADONGA GUMBI

Indlela abebukeka ecasuke ngayo uGavin Hunt ngaphambi kwekhefu emdlalweni wabo weDStv Premiership neMamelodi Sundowns ubungafunga ukuthi uzobathethisa baze bakhale abadlali bakhe.

Angithi bebehlulwe amathuba alula kulo mdlalo obuseLoftus Versfeld ngoMgqibelo ntambama, abezokwenza baye ekhefini kuyibo abahamba phambili kodwa kwagcina kuyiBrazilians ekora kuqala.

Kodwa uma bebengene ezindlini zokushintshela belindele izimbokodo zamazwi alumelayo, baphoxekile ngoba uHunt ubehkise umoya, wabayala ukuba nabo bangatatazeli ngoba lizovela igoli bese bebuyela kulo mdlalo.

Kwenzekile nebala lokhu, iChiefs yaphendula amatafula, kwathi emizuzwini emibili yashaya igoli lokulinganisa nelokuwina, okushiye uManqoba Mngqithi weSundowns efa yintukuthelo nendumalo (Funda utheni la: https://bit.ly/2QSGCZX)

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uNjabulo Blom – oqokwe njengoMdlali oVelele – uthe abazange bathethiswe kodwa banikwe amacebo amasha okucobishisa izimbangi zabo.

“Asidlalanga kahle neze esiwombeni sokuqala. Kuthe uma sesisekhefini umqeqeshi wasitshela ukuthi asehlise imimoya, singatatazeli ngoba sizowathola amagoli uma senza izinto ngendlela efanele.

“Siligcine ibhola, siliphaselane kahle bese sigebha futhi sivale nezikhala siliphethe noma lingasekho kithi ibhola,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-21.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.