Akawuvali umlomo ngoKolisi umqeqeshi weSharks

USiya Kolisi

MTHOKOZISI MNCUSENI
Useyayibona lento okukhalwa ngayo kukaputeni wamaBhokobhoko uSiya Kolisi, umqeqeshi weCell C Sharks, uSean Everitt njengoba esesebenza nalo mdlali.
UKolisi, onamasonto ambalwa efikile eThekwini esuka kwiWestern Province okuyilapho edlale khona impilo yakhe yonke, ubebonakala okokuqala edlubhe umfaniswano weqembu lakhe elisha.
Lapha iSharks ibhubhudle iBulls ngo 42-12 ovuthayo ngoLwesihlanu eJonnson Kings Park kowokusonga eyokungcweka ngaphambi kokuthi kuqale ushikishi lwemiqhudelwano.
Ngenyanga ezayo uyaqala umqhudelwano ozokwaziwa ngeRainbow Cup lapho iSharks izoba khona nemidlalo e-Europe okuyinto engajwayelelile embhoxweni (ngaphandle kwiNdebe yoMhlaba).
Ngokuka-Everitt, uKolisi uyajwayela futhi okuhle kakhulu ngaye uyazihlupha ngokusebenza kwazise indlela azomdlalisa ngayo ihlukile kule abeyijwayele eKapa (yize kuyindawo efanayo).
“Engingakusho ngaye ukuthi uwuhlobo oluphambili kakhulu lomdlali wombhoxo. Konke okufanele akwenze ukwenza ngesikhathi esifanele njengoba nizibonele emdlalweni wethu neBulls.
“Ihlukile indlela esizomsebenzisa ngayo kunombolo-6 ngoba thina sifuna abe seduze nala kukhona ibhola ngaso sonke isikhathi.
“Le ndlela ikhomba ukuthi kufanele abe nomfutho ongaphezulu kwalo ajwayele ukuwusebenzisa.
“Uyakuqonda lokhu futhi usehambe ibanga elide ukuqinisekisa ukuthi ukwenza ngendlela esifuna ngayo lokhu esikubheke kuyena,” kusho lo mqeqeshi sakumangala ngenxa yekhono ukuzithoba nokuzimisela ukusebenza akubonela eduze kukaputeni wamaBhokobhoko.
Ngokwalo mqeqeshi, uKolisi bekumele adlale imizuzu yokuqala engu-40 bese eyaphunyuzwa kodwa kwaphoqa ukuthi aqhubeke sekulimele uSikhumbuzo Notshe.
“Izinhlelo bekuwukumdalisa isiwombe sokuqala kuphela nakho-ke sekulimala uNotshe. Kuphoqe ukuthi sikhuphule umsebenzi kuKolisi. Nangempela ugxume wahlala kwangabonakala nokuthi kukhona osekhishiwe.
“Konke lokhu kuyizinkomba zokuthi kungani ehlonishwa kanje lo mdlali. Sizishaya isifuba ngokuthi ungoweSharks futhi asikungabazi ukuthi amagalelo akhe azobonakala maduze,” kusonga u-Everitt.
Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.