Akazi akhale noma ajabule ngokuphuma kwiNedbank Cup uDladla weRichards Bay

USimo Dladla weRichards Bay

OKADONGA GUMBI

Cishe kube ngumdlalo wokuqala angazange abe nenkinga ngokuhlulwa kuwo uSimo Dladla ngesikhathi ezakhe iRichards Bay ziwashiswa yiChippa United ijezi kwiNedbank Cup ngoMgqibelo.
INatal Rich Boys ishaywe ngo 2-1 emdlalweni obuseNelson Mandela Bay Stadium, kodwa uDladla usale engazazi noma udumele noma akanandaba.
“Besikulindele lokho (ukwehlulwa) Ibhola yinto edinga isineke. Besinomgqigqo, kodwa sawunqamula ngoba sifuna ukugxila kwiligi,” usho kanje uDladla ngemuva komdlalo.
“(Kodwa) Besingezanga lapha ngenhloso yokuzohlulwa. Besizolwa, sifuna ukuwina. Sikwenzile lokho.
“Angeneme nokho ngezinye zezinqumo (zikanompempe), ngicabanga ukuthi kunephenathi obekumele siyithole.
“Khona obambe ibhola ngesandla laphayana kodwa akangahlawuliswa ngalokho, nezinye nje izinqumo ngesiwombe sokuqala azinginelisanga.
“Kodwa ke bengiwubani mina ukuthi ngingakhala ngazo. Kumele sifunde ezimweni ezinjena bese siqhubekela phambili,” kuqhuba yena.
Ube useveza nokungachazeki yindlela abanye babadlali bakhe abenze amaphutha angaxoleleka uma enziwa ngabafana besikole kuphela.
“Ngokwendlela esidlale ngayo, abadlali abathile abangigculisanga. Kodwa ke vele lo mdlalo udinga isineke. Kumele sifunde kulokhu okwenzeke lapha bese siqhubekela phambili.
“Bengizocasuka, ngiphoxeke ukuba asizange sikore ngoba bekusifanele ukushaya igoli noma amabili.”
Ukhale nangendlela abaphe ngayo iChilli Boys amahewa amagoli ukuze igcine iwinile.
“Igoli lokuqala libe yisipho, umdlali wethu ubezama ukulinika unozinti, lawela ku-Anthony Laffor walibeka enethini wahamba wayolijabulela.
“Elesibili, uZwane (Tony) bekumele asuse ibhola eduze kwakhe, kodwa wafuna ukwenza into enganasidingo, lamlahlekela sajeziswa.
“Kodwa ke noma kunjalo, besivele sicindezelekile esiswini ngoba abadlali esivamise ukudlala ngabo bebengekho. Ngisebenzise uMthembu (Moses) oneminyaka engu-19 noGoldstone (Bayzel) onengu-22, futhi ngichazekile ngendlela abazame ngayo,” kusho uDladla.
INatal Rich Boys yiyo esizibeke ethubeni lokudla isicoco seligi kwiGladAfrica Championship njengoba isendaweni yesibili kodwa ibambene ngamaphuzu angu-28 neSekhukhune United eqhwakele.
IRichards Bay isalele emuva ngomdlalo owodwa, okungathi uma iwunqoba iqhwakele bese iba negebe lamaphuzu amathathu.
Izobuyela enkundleni ngoLwesithathu la izobhekana khona nePretoria Callies eMhlathuze Sports Complex.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *