Akesabi uNgcobo ngamathemba eChiefs kwiChampions League

UNkosingiphile Ngcobo

MTHOKOZISI MNCUSENI

Isengawaphendula amatafula izibekisele indawo emzuliswaneni esilandelayo kwiCAF Champions League iKaizer Chiefs ngokubona komdlali osemncane waleli , uNkosingiphile Ngcobo.
Amakhosi ahleli endaweni yesithathu eqoqweni lawo (Group C) okuzodlulela khona phambili amaqembu amabili aphezulu. Abambene nokho ngamaphuzu neHoroya ngamahlanu.
IWydad AC yaseMorocco adlala nayo ngoMgqibelo ngo-6 ntamabama, e-FNB Stadium, iqhwakele bese kuba iHoroya SC yaseGuinea isendaweni yesibili ngoba ingcono kwiChiefs ngamagoli.
Mibili imidlalo esalele iChiefs kanjalo nawo wonke amaqembu kuleli qoqo okukhona kulo nePetro de Luanda yase-Angola.
NgokukaNgcobo iChiefs isengazibekisela indawo esigabeni somkhumulajezi kodwa kufanele ibhukule manje ngalo mdlalo wangempelasonto neqembu elisanda kubasutthisa induku eBurkina Faso.
“Likhulu kakhulu ithuba esisenalo kodwa konke lokhu kulele ekutheni imidlalo emibili esele kumele siyinqobe noma kanjani. Sihlangene njengeqembu futhi siyazi ukuthi singayinqoba le midlalo esele. Siyazi ukuthi kulele kithi ngakho-ke lokho kukodwa kusenza sibe nokuzethemba,” kuqhuba uNgcobo.
Lo mdlali ubona kufanele bayingenele umdlalo uqala iWydad uma bezimisele ngokuyicindezela okuzolandelwa umphumela odingekayo.
“Badlala ekuhambeni futhi neqoqo kubukeka sengathi sebelidlile ngakho angibaboni beziphula ukuthi banqobe kumnyama kubomvu.
“Bazodlala ngokuzigada okuyinto engiyibona iyithuba kithina. Kumele sibacindzele kuqala kuze kube kuyaphela ngoba vele ngeke badlale ngamandla abo onke,” kusho yena.
Unethemba uNgcobo ukuthi iwini yabo kwi-Orlando Pirates muva nje ibakhumbuzile ukuthi uma behlangene bangenza lukhulu kangakani.
“Bekuwumdlalo onzima (nePirates) kodwa futhi omnandi ngoba siwaqoqe egcwele amaphuzu okuyinto engikholwa ukuthi kufanele siyisebenzise kwiWydad.”

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *