Akucaci noma iya phambili, emuva noma imile iChiefs kaZwane

Akucaci noma iya phambili, emuva noma imile iChiefs kaZwane
U-Ashley Du Preez weKaizer Chiefs noMakhehleni Makhaula waMaZulu
Sbongs Gumbi

Indlela iKaizer Chiefs endandazela ngayo ndawonye kusukela kuqale isizini ibafaka osizini abalandeli bayo abangazi nomameseke u-Athur Zwane noma bayeke.

IChiefs iphinde yashaya udaka ibanjwa AmaZulu FC ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoMgqibelo kusihlwa.

Ngezinye izinsuku iChiefs ikhombisa izimpawu zokuthi izoba yiqembu eliyingozi, kokunye ivele ibashiye bengenalo ithemba abalandeli.

UZwane uma elungisa okunye, kuvele bese kubheda okunye. Emidlalweni edlule iChiefs beyihluleka ukuvala kahle emuva. 

Yingakho bekubhekiwe ukubona ukuthi izokwenza kanjani isibhekene naMaZulu abophele abadlali ababukhali phambili la ihlome khona ngoGabadinho Mhango, Augustine Kwem noBongi Ntuli. 

Emidlalweni eyisikhombisa esidlalwe AmaZulu – okukhona kuyo noweMTN8 -aseshaye amagoli ayisishiyagalolunye okukhomba ukuthi iyalazi ipali lapho lingakhona.

Yingakho ke ukuthi iChiefs ikwazi ukubavala, bagcine bengalitholanga igoli kuwuphawu oluhle lokuthi cishe seyiyalunga inkinga yasemuva.

Kodwa ke kube sekuvela ukuthi naphambili iChiefs ibuthuntu inqaba njengoba iwatholile amathuba ebingagcina iwinile ngawo ukuba astshenziswe ngendlela.

“Ngicabanga ukuthi sibulawe ukuthi besingekho bukhali phambili,” kuvuma uZwane ngemuva komdlalo. “Siwakhile wona amatrhuba kodwa asangawasebenzisa, okokuqala lokho. 

“Okwesibili, ngicabanga ukuthi siwuqale ngezinga eliphansi lo mdlalo futhi ngikholwa wukuthi ukube sibacindezele zisuka nje, besingalithola noma elilodwa igoli.”

Esiswini nakho Amakhosi abehluleka ukulawula umdlalo ikakhulukazi ngasekuqaleni kwawo njengoba oMakhehleni Makhaula, Keagan BUchanan noGeorge Maluleka bebeyingamula iminyakazo yayo.  

FUNDA NALA: Isiqala ukumfakela amehlo indawo abakuyo umqeqeshi weGallants

“Ngeshwa sibanike isikhathi nethuba lokuthi baliphathe ibhola futhi besazi ukuthi bazozama ukusivula esuswini ukuze bathumelele abagadli babo amabhola.

“Ngicabanga ukuthi sibhekane kahle naleyo nselelo yize besinakho ukubuye sibavulele izintuba zokuthi basihlasele. Besingakwazi ukuzivala ngangcono izikhala.

“Kodwa ke bekungolunye lwezinsuku la besizimisele futhi bekusifanele ukuthola okuthile kodwa sazihlulekela ngenxa yokuyeka amathuba okushaya amagoli,” kuchaza uZwane.  

Umdlalo weChiefs olandelayo uzoba sePeter Mokaba Stadium ngeSonto elizayo la izobhekana khona neMarumo Gallants. 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *